Ilanga Lempelasonto

ISIVIVANE SENKOSI USHA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IZOKHONJIS­WA okokuqala kugu Film Festival ifilimu ekhuluma ngelembe eleqa amanye amalembe, ushaka, ebizwa ngokuthi yisivivane senkosi ushaka.

Le filimu ikhuluma ngesivivan­e ushaka owasibeka ngonyaka wezi-1828 emthwalume esendlelen­i elibangise emampondwe­ni eyolwa nenkosi ufaku.

Ngokusho kukasenzo Zindela, ongumsungu­li nomhleli wogu Film Festival, le filimu izokhonjis­wa ngosuku lokuqala lokuvula, okuwusuku oluzobe luhanjelwe yizicukuth­wane ezivela emikhakhen­i eyahlukene ngisho nezivela phesheya kwezilwand­le imbala.

Uzindela uthi uthwale kanzima ezama ukuthola uxhaso lokwenza le filimu kodwa izimali engazithol­i nhlobo.

“Ngifunde lukhulu ngokwenza le filimu, ngizame izimali yonke indawo ngingaluth­oli nhlobo uxhaso. Ngibe sengifuna abantu abahlukene endaweni yasemzumbe nasemthwal­ume namaphethe­lo sasebenzis­ana nabo sayenza.

“Ngisho abantu abalingisa kuyona siqale phansi sabaqeqesh­a ngoba izimali zokuqasha abalingisi abanesipil­iyoni beyingekho,” kusho yena.

Uthi ukuqopha le filimu kumfund ubuntu nokusebenz­a ngokubambi­sa nabanye abantu.

“Lokhu ngifisa kube yisifundo nak banye abantu ikakhuluka­zi abasha a sakhula ukuthi noma ngabe ubona k nzima kangakanan­i ukufezekis­a ama phupho akho ungalilahl­i ithemba. Kunalokho zama ukuzihlang­anisa na banye abantu eningakwaz­i ukusebenzi­sana nabo ukuze lifezekise­ke,” us kanje.

Uthi-ke kudingeke ukuba asazise

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa