Nengoma katambo
moya kele - lwakhe.”
Ulira ubehamba nomyeni wakhe, urobin Kohl.
Ephawula (ulira) ngomshado wabo ulira uthe: “Hheyi kumnandi lapha, sisabambisene kahle nomyeni wami. Akasiye umlungu urobin, ungumuntu phaqa, singathi ungumlungu ngebala, uhambisana nazozonke izimo namasiko akithi.
“Uyabona nje nawe ukuthi angithandananga nekhehla lomlungu, yinsizwa uqobo lena,” esho ehleka emkhomba.
Mayelana nokuthola abantwana uthe: “Angazi noma ngiyabadinga noma angibadingi. Akusiyo into engiyibeke engqondweni leyo, okwamanje angikho ezinhlelweni zokubathola. Angazi noma uma bengafika ngingakwazi yini ukubanakekela. Ngiyajabula nokuthi abasemzini nomyeni wami abangixini ngokuthi bayabafuna.”
Ulira uthi ohambeni lwakhe lwaphesheya kwezilwandle ubeyocobelela ulwazi kosaziwayo bomculo, efuna ukwazi ukuthi benza ngani bona ukuze umculo wabo uhlale isikhathi eside ezinhliziyweni zabantu, ekubeni abakuleli baqamba ogqamcishi bezingoma. Ingoma ka-oliver Tambo izodedelwa ngenyanga ezayo.
NANGO-KE omunye engiphoxa! Kodwa lo magriza uphuza nhloboni yesiphuzo? Sengathi sazilaya ngokumlalela ekhuluma ngendaba yamagupta’s. Akasayeki-ke ukukhuluma. Muva nje usevele athi uyakhuluma, ashiphe nje. Yini nje le nto ayisho kufacebook? Ukuthathaphi ukuthi umdala kangaka ukhulume umsangano osezingeni eliphezulu kanje. Uthini ngempela uma uthi uyakholwa wukuthi isomiso esihlasele e We s t e r n Cape senziwe ngumuntu? Wake wakuzwaphi ukuthi kukhona umuntu wase- mhlabeni okwazi ukwe- nza isomiso
ezweni?