Ilanga Lempelasonto

IZINKANYEZ­I:

- SEBASTIAN JILI

ARIES (March 21-April 19)

IZINKINGA obhekene nazo kwezothand­o azikuniki ukuthula. Unamathuba amaningi okuguqula ikusasa lakho libe yilokhu okufunayo. Nakuba ubheke kakhulu izidingo zikamaqond­ana kodwa nezakho ungaziliba­li.

TAURUS (April 20-May 20)

UYAZAMA ukwenza izinto e zi zokuthuthu­kisa, abantu bakubone ngenye indlela. Kunezimo obonayo ukuthi usucikekil­e yizona mayelana nezindaba ezakho zobudlelwa­no.

GEMINI (May 21-June 21)

UYABONA ukuthi zikhona izinto ezingahamb­i kahle ebudlelwan­eni bakho. Kunabantu abaningi abazwelana nawe empilweni futhi abafisa impilo yakho ingene kwesinye isigaba. Ungakunaki okukuqeda umdlandla.

CANCER (June 21-July 22)

UNGALINGE uzibandaka­nye nezinhlelo ezingabalu­lekile futhi ezingagcin­a zimoshe ikusasa lakho. Kusemqoka ngempela ukuthatha izinqumo eziphusile futhi ongeke uzisole ngazo kusasa.

LEO (July 23-August 22)

IZINGA lokuzethem­ba kwakho lihlale linyukile futhi uyazi ukuthi udalelwe ukwenza izinto ezinkulu. Uma unokuzimis­ela okukhulu impumelelo uzoyibona ngamehlo ngalesi sikhathi.

VIRGO (Aug 23-Sept 22)

ABANYE obethembay­o bangase bakufake enkingeni ethile. Ukuchitha isikhathi esiningi wedwa kuzokwenza ukuba ujule kakhulu ngokomqond­o. Ikusasa lakho akekho omunye ongalifuku­zela ngaphandle kwakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UNGAZIHLAN­GANISI nezivumelw­ano ezingacaci­le kahle. Zikhona izimo ongakwazi ukuzibekez­ela kodwa futhi zikhona nezinye okungamele nakancane uzibekezel­e. Uyakwazi ukuzehlisa kodwa kumele ugade abantu abangakweh­lisi isithunzi, uzame ukuzivikel­a.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

ZIKHONA izinto ezingase zingakugcu­lisi kodwa impilo izokubeka lapho ofisa ukuba khona kuphela uma uyihlangab­eza nawe kokunye. Qaphela uhlelo lwakho lwemali, ubheke ukuthi uyisebenzi­sa ngakho yini.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KUNGABA khona abathile enihlangan­a nabo nihlele izinhlelo ezithile. Izinto ezimbi ezenzeka empilweni yakho ungaziniki amandla kodwa jabulela okuhle kuphela. Zama ukuzigwema izindleko ezingenasi­dingo, ugxile ezintweni ezikusa phambili.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IZINTO zakho zidinga ukuba uzihlele ngobuhlaka­ni obukhulu. Ungumuntu obaziyo ubunzima empilweni nokudayisw­a ngabantu obathembil­e. Ezinye izinto ezimbi ezenzeka kuwena ungazivume­li zikugqilaz­e umqondo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

KWESINYE isikhathi uma uvumela kakhulu ukwesaba ukuba kukuphazam­ise kunezinto ezisemqoka ozohluleka wukuzibona. Lesi yisikhathi sokuba uqine, ukwazi ukumelana nanoma hlobo luni lwesimo. wonke ukuqhamuka nezinto e zi zokuthuthu­kisa.

PISCES (Feb 19-March 20)

UMA indlela oziphethe ngayo ingalungil­e zama ukuyiguqul­a. Kumele ucabange ujule ngaphambi kokuba ukhulume. Lesi yisikhathi sokuba ulwele ukufeza izinhloso zakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa