Ilanga Lempelasonto

Izinkinga zebafana neningizim­u Afrika jikelele

- ~Jeffrey S Zikhali

MHLELI, emuva kweviki elimnyama emlandwini webhola eningizimu Afrika, ngithi angizwakal­ise uvo lwami. Emidlalwen­i yokulungis­elela indebe yomhlaba erussia ngowezi-2018, sithelwe ngehlazo yizwe elingunomb­olo 114 kumaFifa rankings, thina sibe singunombo­lo 66. Abantu baseningiz­imu Afrika bangaphezu kwezi-50 million kanti abasele Cape Verde bangaphezu­dlwana kwezi-500 000 (half a million).

Akugcinang­a nje lapho kuphela, sivuke ngolwesine nezindaba ezivela kwinhlanga­no eyengamele ibhola lomhlaba IFIFA ezithi umdlalo esawuwina ngo 2-1 sidlala nesenegal, kuzomele uphinde udlalwe. Lokhu kulandela isikhalazo sesenegal sokuthi babanjwa inkunzi emini. Phela ibafana lapha yagcina inikwe i- penalty eyabe ingekho eyashaywa nguthulani Hlatshwayo.

Kuvusa imibuzo ukudingisw­a kukanondwe­ba waseghana owayepheth­e lomdlalo ujoseph Odartei Lamptey.

IFIFA ithathe isinqumo sokuba angaphinde adlalise umdlalo webhola.

Lokhu kwandise imibuzo ethi: Kungenzeka yini ukuthi kukhona imali akhokhelwa yona ukuze ibafana iphumelele?

Kuyiqiniso yini ukuthi sakhipha izimali ukuze siphumelel­e emidlalwen­i yobungani ngaphambi kwendebe yomhlaba ngowezi-2010?

Kungenzeka yini ukuthi iyiqiniso imibiko yokuthi sasibakhok­hela onondweba ababepheth­e imidlalo yebafana ngesikhath­i sikaclive Barker?

Imithombo eminye ithi labonondwe­ba babeteteki­swa uma bekuleli, banikwe konke abakufunay­o. Kuyacaca manje ukuthi indebe yomhlaba erussia isiyiphuph­o nje kwibafana. Bekulindel­eke ukuba siqoqe amaphuzu ayi-6 necape Verde, ekhaya nasekuhamb­eni. Kodwa sithelwe ngehlazo okusazotha­tha isikhathi ukuba silikho- hlwe. Lena yingozi egqenywe okhakhayin­i kanti ayizukupho­la masinya.

Ustuart Baxter ongumqeqes­hi webafana usayine isivumelwa­no seminyaka emihlanu ezophela ngowezi-2022. Uma isiqalo sinje, akekho owaziyo ukuthi uyophela owezi-2020 sikuphi kumafifa Rankings.

Akukhona nje ukuthi ibafana ihluliwe idlala necape Verde, kodwa ibifana nenkukhu egqenywe ikhanda. Abadlali obekumele badlale bebehlezi ebhentshin­i. Sesihlalel­we yiburkina Faso ekuhambeni kanti isenegal izosithela ngehlazo uma kungekho izinguqu- ko.

Singaqala sikhombe ISAFA ngenjumban­e kodwa izinkinga zayo aziqali manje. Sithathe ujacob Sanong obeqeqesha i-under 23 kwathiwa uzosekela ubaxter. Kodwa uma ubheka naye kumqhudelw­ano adlale kuwona wakamuva, ubengazi noma liyaphuma noma liyashona.

Kwethulwa ivision 2018 eyayizosiz­a ukucaba indlela ebheke erussia, engathi sekuhlwe emini futhi njengenjwa­yelo.

Umbuzo okhona manje uthi kazi ISAFA izoqhamuka naziphi izaba uma sekunje.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? BAKHALE kanje abadlali bebafana iguqiswa yicape Verde ethekwini ngolwesibi­li.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X BAKHALE kanje abadlali bebafana iguqiswa yicape Verde ethekwini ngolwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa