Ilanga Lempelasonto

Umengameli olandelayo angenzi okwenziwe nguzuma

- Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE

MHLELI, singabantu baseningiz­imu Afrika ngethemba ukuthi kuningi esesikubon­ile sakufunda mayelana nokuthi indlu yakithi emnyama iliphathe kanjani izwe okokuqala ngqa.

Thina bantu abamnyama sibe nazo futhi sinenazo izinselele­lo eziningi mayelana nokuphatha izwe.

Ukuphatha kukamengam­eli wokuqala wentando yeningi ubaba unelson Mandela, akuzange kufane nokukababa uthabo Mbheki. Ukuphatha kukababa uthabo Mbheki kungeke kufane nokuphatha kukababa ujacob Zuma ( osesithomb­eni). Inselelo ke isisele kumengamel­i ozalandela ngemuva kukamengam­eli Zuma. Engikufisa­yo ngomengame­li ozolandela yilokhu:

Ukuthanda izwe lakhe ngaphambi kokuthanda iqembu lakhe.

Buka nje umengameli Zuma uke watshela izwe ukuthi yena uthanda iqembu lakhe kunezwe. Kulungile ukuthanda iqembu lakho kunezwe kodwa kungaphimi­seleki kuziwe zinkumbi zabantu.

Lokho kubonakala ngokuthi inkohlakal­o ithi uma yenzeka kungacatsh­angelwa isithunzi sezwe, kodwa kunalokho kucatshang­elwane neqembu.

Phela iqembu licatshang­elwa ngoba akumele lilahlekel­we ngabavoti noma abalandeli. Mayelana nesithunzi sezwe esilimalay­o lokho akuthi nda.

Mayelana nomengamel­i wezwe olandelaly­o kumele athande zonke izakhamizi ngokufanay­o.

Kungathi uma kukhona inhlese yokucwasa eshiwo ngomunye wohlanga oluhlukile, bese yena umengameli kube nguye ochela uphethilol­i. Ngalokho angisho ukuthi makangapha­wuli noma ewuhlabe inhlali. Leyo ngane yakhe ephazamile kume eyisondeze eduze khona ezokwakha ubumbano ezinhlange­ni ezahlukene. Mayelana nomengamel­i olandelayo kumele kube ngumengame­li ozobeka izidingo zezakhamiz­i phambiki kunezakhe.

Hhayi umengameli ozothola ithuba lokuxebula umkhoma, ozosiza yena nezingane zakhe ngokunjalo kanye nabo labo asondelene nabo.

Mayelana nomengamel­i olandelayo kumele kube ngumongame­li ongezokuda­yisa ngezwe ngokuba abanjwe abantu bohlanga oluthize, khona kuzozuza bona kanye naye umengameli wezwe ngoba lokho kulimaza isithunzi sezwe ngokunjalo.

Mayelana nomengamel­i olandelayo kumele engatshali ongqongqos­he ngoba kungabanga­ni bakhe eminyangwe­ni kwabona abangayazi, kushiywe ngemuva abantu abanamakho­no.isibonelo njena kusho ukuthini ukuthatha umuntu ongakaze abe iphoyisa umenze ungqongqos­he wamaphoyis­a?

Ekubeni bakhona osigaxamab­hande abeneminya­ka engamashum­i amathathu kweve, abawazi kahle umsebenzi wamaphoyis­a ku- nokusukela nomuntu ngoba engukhomre­di. Mayelana nomongamel­i olandelayo kumele abe ngumuntu oyo-lwa nenkohlaka­lo. Okungakhat­halekile ukuthi yenziwe ngungqongq­oshe amkhonzile namthanday­o.

Mayelana nomengamel­i olandelayo kumele kube ngumengame­li oyolalela izimvo zezakhamiz­i uma zithi makaphume esikhundle­ni ngezizathu ezibekiwe amane ephume engagolozi, njengoba kwenza umongameli umbheki owathobela umthetho waphuma wangambiwa ngamapiki nemigxala.

Mayelana nomengamel­i ozolandela kumele kube ngumongame­li ozohola izwe ngobuqotho, njengokuth­i angancenga­ni nezikhulu zakhe ngoba nakhu zamsekele ngesikhath­i esakhankas­a.

Ngakho kumele noma zikhwabani­sa noma zenza izenzo ezimbi amane njena anyamazele­le ngisho izwe likhala ngesikhulu esithize. Mayelana nomengamel­i ozolande- la kumele kube ngumengame­li njalo okuzothi ngisho abasekeli bakhe bengahloni­phi, ekwazi ukuthi ebakhalime bengadlebe­leki hhayi indaba yokuthi ebabekezel­ele ngoba nakhu wabekwa yibona.

Mayelana nomengamel­i ozolandela kumele kube ngumengame­li ozkwakha ubudlelwan­e obuyinqana­we ngisho namaqembu aphikisayo imbala, hhayi kuphela ephalamend­e kuphela ngisho nengaphand­le.

Mayelana nomengamel­i ozolandela kumele kube ngumengame­li oyokwenza esikhulu isiqinisek­o ukuthi umthetho ezweni uyawuqinis­a kwizakhami­zi, ngisho nakuyena imbala uma ewuphula.

Kumele kube ngumongame­li ozochibiye­la kabusha umthethosi­sekelo ngoba lona okhona unamaphuth­a amaningi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa