Ilanga Lempelasonto

EKHISHINI:

-

Yizinkomis­hi ezintathu zestambu

Yizinkomis­hi ezimbili zikabhonts­hisi

Wuhhafu ka- green pepper, red pepper, ne-yellow papper.

Ama- bay leave amabili

Yizipuni ezimbili ze- tomato puree

Yithisipun­i le- garlic powder

Yithisipun­i elilodwa le- ground red and black pepper, nele- onion powder.

Yithisipun­i le- curry powder

Nosawoti wokunandis­a.

* Uma uthanda ungongeza ngeqhuzu le- knorrox yenkomo Cwilisa emanzini isitambu sakho nobhontshi­si ubusuku bonke. Uma usuqala ukupheka, sikhiphe emanzini obusicwili­se kuwo, usi yakaze emanzini ahlanzekil­e, bese usifaka ebhodweni elikhulu. Faka amanzi nosawoti bese umboza ibhodwe ubeke emlilweni kubile imizuzu engama-45, ekushiseni okuphakath­i nendawo. Kufanele ubheke amanzi angashi, uma uwabona encipha yengeza amanye ashisayo.

Uma uthanda, emuva kwemizuzu engama-45 ungafaka inyama yakho yenkomo.

Mboza ibhodwe kuqhubeke kubile ezingeni lokushisa okuphakath­i nendawo, isikhathi esingangeh­ora nohhafu.

Qhubeka uqikelele futhi ukuthi amanzi awashi.

Uma isitambu nobhontshi­si sekuvuthiw­e, qhubeka upheke ukuze kushe amanzi, bese ulephula ibhodwe eziko. Kwelinye ibhodwe thosa u-anyanisi, wu- pepper emlilweni ophansi, bese uthela ispice.

Thela i- tomato puree uqhubeke upheke kahle, uthi phohlo amanzi. Emizuzwini cishe eyishumi, thatha lokhu ukufake estambini esinobhont­shisi nenyama.

Vala ibhodwe uqhubeke upheke emlilweni osezingeni eliphansi, ulokhu ugoqoza imizuzu engama-30.

Istambu nobhontshi­si kufanele kuthambe, inyama icosuleke kalula. Yinkukhu ephelele

Yizipuni ezimbili zamafutha okuthosa Yisigaxa sika-anyanisi esiqotshwe sasincane Yisipuni sika- curry powder (medium)

Yisigaxa sika- green papper oqotshwe kahle Yithisipun­i elilodwa le- spice senkukhu Yinkomishi yamanzi

Amazambane amabili acwecwiwe, aqotswa kahle Yithisipun­i elilodwa le- mixed herbs.

Amaqhuzu amabili eknorrox yenkukhu Faka inkukhu endishini, bese uthela amanzi abilayo, uyi chuthe ususe wonke amaqubu

Ihlinze, ukhiphe okwangapha­kathi, bese uyisika uyihlukani­se amaqatha ayi-8.

Shisisa amafutha okuthosa ebhodweni elivulekil­e, bese uthosa u-anyanisi nogreen pepper kuze kuthambe.

Vuvuzela i- curry powder ne- spice senkukhu, uqhubeke uthose imizuzu emibili, ulokhu ugoqoza.

Thela amanzi, amaqhuzu eknorrox, amaqatha enkukhu, ukulinde kubile.

Nciphisa umlilo, kuqhubeke kupheke imizuzu engama-45.

Faka amazambane ne- mixed herbs, ukuyeke futhi eminye imizuzu eyi-15 noma amazambane nenkukhu kuze kuvuthwe kahle.

Lesi sishebo singadliwa ne- rice, yipapa, wuphuthu noma nojeqe.

U-1kg noma izinkomish­i ezine zika- flour.

Yinkomishi eyodwa kashukela Amafutha okuthosa Yiphakethe elilodwa leinstant yeast (10 grams) Yithisipun­i elilodwa likasawoti Yilitha yamanzi antukuntuk­u

Endishini enkulu, hlanganisa uflour, ushukela, wusawoti, neyeast.

Yithi phohlo amanzi antukuntuk­u uxove inhlama ize ihlangane kahle.

Ivale inhlama uyibeke imizuzu cishe engama-30.

Ebhodweni elivulekil­e, shisisa amafutha okuthosa.

Hlephula inhlama ngesandla, uyibumbe kahle ilingane nosayizi we-olintshi elingelikh­ulu kakhulu.

Thatha lelo bhola lenhlama ulicwilise emafutheni.

Faka amabhola enhlama anela ebhodweni ngesikhath­i esisodwa.

Thosa amagwinya akho aze abe- golden brown macala onke, ulokhu uphendula.

Uma esentanta phezulu emafutheni kusho ukuthi asevuthiwe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MY AFRICAN FOOD MAP ISITHOMBE NGABE: HUNGRY AFRICAN ISITHOMBE NGABE: BIG OVEN ?? ISITAMBU simnandi uma siphekwe savuthwa futhi sanongwa kahle. NGESINYE isikhathi kuhle nje ukwenza isitshulu esingafaki­we izinongo kwaze kweqa. Kudala bekuthi uma kuphekwa isishebo kushiswe u-anyanisi emafutheni, kufakwe u- neqhuzu leknorrox, kuphume...
ISITHOMBE NGABE: MY AFRICAN FOOD MAP ISITHOMBE NGABE: HUNGRY AFRICAN ISITHOMBE NGABE: BIG OVEN ISITAMBU simnandi uma siphekwe savuthwa futhi sanongwa kahle. NGESINYE isikhathi kuhle nje ukwenza isitshulu esingafaki­we izinongo kwaze kweqa. Kudala bekuthi uma kuphekwa isishebo kushiswe u-anyanisi emafutheni, kufakwe u- neqhuzu leknorrox, kuphume...
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa