Ilanga Lempelasonto

U-HUNT USEKHATHEL­E YINDUKU KA-MCCARTHY

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI webidvest Wits ugavin Hunt uzwakalise ukuthi usekhathel­e wukunenebu­lwa ngenduku ngubenni Mccarthy ololonga icape Town City.

Iwits izodudulan­a necity emlenzeni wesibili we-semi-final YEMTN8 namuhla ngesonto ngo-15h00 ebidvest Stadium, egoli. Emlenzeni wokuqala icity iguqise iwits ngo-1-0 ecape Town Stadium emasontwen­i ambalwa edlule. Lo mdlalo unguwafa wafa njengoba kufanele kube khona ikilabhu edlulela kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ophethe isigaxa sika-r8 million.

Uhunt uthi usekhathel­e yinduku kamcCarthy, uthi noma kanjani kulokhu izotholwa nguyena.

“Umccarthy ngambona esemncane ukuthi ikhono lokuqeqesh­a unalo. Indlela abekulanga­zelele ngayo ukufunda into entsha ibingimang­alisa. Kangithuki uma eliqala ngalolu hlobo ikusasa lakhe ekuqeqeshe­ni. Phela uncele ulwazi kubaqeqesh­i abehlukene futhi abaseqophe­lweni eliphezulu njengojose Mourinho omcije kwifc Porto.

“Kodwa-ke sesikhathe­le manje wukulokhu sibulawa nguyena ngenduku, kulokhu nje ufike ekugcineni. Sizokwenza ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo ngoba sifuna ukusivikel­a isicoco sethu. Kasizimise­le ukuthi sisiphunyu­ke kalula nje,” kusho uhunt.

Umccarthy uthi babhekene nomdlalo onzima njengoba belokhu beyitalabh­ile iwits selokhu beqale ukudlala nayo.

“Sibhekene nenkulu ingcindezi manje. Siyazi ukuthi iwits ngeke ivume ukuthi silokhu siyehlula njalo.

"Kodwa-ke siyakwazi okufanele sikwenze, kasinalo uvalo ngayo. Ngikholwa wukuthi yiyona enengcinde­zi thina nje kasinayo nakancane,” kusho umccarthy ozakhele udumo ngesikhath­i esengumgad­li ongalibhek­i ipali kuleli naphesheya kwezilwand­le.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUTHEMBEL­A Sikhakhane ongumdlali wasemuva wamazulu FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUTHEMBEL­A Sikhakhane ongumdlali wasemuva wamazulu FC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa