Ilanga Lempelasonto

PHILANI NCALANE

-

Kangiyipha­thi-ke eyesigaba sesafa ABC Motsepe League.

Kuze kumbambath­iswe kubekwe iminyaka ethile yabadlali okumele badlale kulesi sigaba ngenhloso yokuyenga abaxhasi ukuze kube sengathi kuhloswe ngaso ukuthuthuk­isa ibhola.

Eqinisweni nje, isafa ihluleka ingcaca ukwenza umsebenzi wayo wokuthuthu­kisa ibhola nokulawula amaqembu esizwe, kuhlangani­sa nebhola labesifaza­ne elifana nento efile. Bengikuba nje kujatshulw­a abakwasaso­l bevuselela ubudlelwan­o nesafa, kodwa kungashiwo lutho ngohlelo lweligi entsha yabesifaza­ne esilokhu sifundekel­wa ngokuthi izosungulw­a. Njalo nxa ngibuka isikwati sebafana ngivamise ukubuka abadlali engibazela ebholeni lezikole elididiyel­wa yisouth African Schools Football Associatio­n (Safa).

Uma kuwukuthi ibafana isebenzisa inqwaba yabadlali abaphuma ebholeni lezikole, pho kungani isafa iyeka ukuqinisa ezayo izinhlaka bese igagamela ifune ukufaka unyawo lwedada lapho kubukeka kungonakel­e kakhulu khona, kwiSasfa?

Ungalising­atha kanjani ibhola lezikole ezweni lonke usahlulwa wukulawula imotsepe League NESAB? Mhlawumbe sekuyisikh­athi sokuthi ibhola liholwe ngabantu elisemitha­njeni yegazi kubona, hhayi osopolitik­i ngoba babuye badume ngokuba ngogombela kwezabo.

Ngiyathuka nje nxa u-adv Norman Arendse ongummeli wesafa, ophinde abe yilungu lesigungu sale nhlangano kuzwelonke, uma ethi bazosifake­la izibuko isinqumo sokubuyise­lwa ensimini komdlalo webafana nesenegal. Lo mdlalo wokuhlunge­la indebe yomhlaba kunqunywe ukuthi ubuyiselwe ensimini ngenxa yokuphekwa kwawo ngujoseph Lamptey waseghana ongunompem­pe osexoshiwe ebholeni.

Isafa ingalwa kanjani nezinhlaka zangaphand­le zomthetho isabuye igxobe eyayo imitheto ngezinyawo? Phela ukuba isafa kukhona okuncane ekwaziyo ngomthetho ngabe usuwumland­o umbango wesafa ethekwini Region.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa