SIVULAMEHLO ABACULI:
SIYAWUNCOMA umqondo kamfu Caleb Mbokazi ongumsunguli womcimbi wokuhlonipha labo ababamba iqhaza entuthukweni yezwe lakithi nezihlabani emikhakheni eyahlukene awubiza ngendondo Awards owenziwa minyaka yonke emgungundlovu maphakathi nekwazulu Natal.
Baningi abantu ababalulekile abenze izinto ezibonakalayo kepha abakutholi ukubongwa okubafanele, sesize sicabange ukuthi esouth Afrika kumele umuntu ashone kuqala ukuze anconywe. Akusiyo indlela encomekayo leyo uma isizwe sinobuntu ngoba ukuziba imisebenzi yomuntu ngenxa yomona kusho ukuthi leso sizwe sisesemuva ngokwengqondo.
Sesike sayihambela imicimbi yendondo Awards, sabona kuhlonishwa abantu abakuzo zonke izigaba zempilo, bonke uma bemukela le ndondo baye basho amazwi afanayo bethi ingumthobanhliziyo okhuthazayo yize ingaphelezelwa mali, kepha ukutshelwa nje ukuthi umuntu lowo waba negalelo emkhakheni wakhe kuyamjabulisa kumbuyisele ngethemba empilweni yize esekhulile.
Umfu Mbokazi nokho uke wasilandisa ngomlando wale ndondo kule minyaka embalwa ayisungula wathi minyaka yonke udonsa ngodizili uma ezowenza ngenxa yoku- ntula openi bokuwenza, kangangoba uze azikhuthuze asebenzise izimali zomndeni .
Ngisho kuwo lo mcimbi wanonyaka uthi kube yiso sona leso izethembiso zezimali abezilinde emnyangweni kahulumeni wakwaZulu Natal zigcine zingafikanga.
Uqhubeka athi kuye kuthi uma efake izicelo emnyangweni kaNdunankulu emukeleke kepha agcine engalutholanga usizo. Siyethemba ukuthi ngokuzayo umnyango wezezimali uzoqikelela ukuthi izicelo ziyasheshiswa ukuze lomcimbi obaluleke kangaka kuzozonke izakhamizi zalelizwe uhlale uyimpumelelo.
Okufike kushaye lo mcimbi uma ungaxhasiwe yizindleko zokuletha abasuke bezokwemukela izindondo okubalwa intilasipoti, izindawo zokulala, ukudla njalonjalo. Baningi abagcina bengafikanga ngenxa yesimo sezimali.
Ukuba uhulumeni uyasazi lesimo ngabe uyalusheshisa uxhaso ukuze kugwemeke ukuphoxeka kwabantu abasuke besuka ezindaweni ezikude bezokwemukela lendondo.
Phela lo mcimbi uyafana nezikaqedisizungu uthokozisa abantu yize sazi ukuthi kawudali amathuba emisebenzi futhi kwazindondo lezo azikhandiwe ngegolide kepha ziyilo igolide ezinhliziyweni zabazemukeliswayo.
Kungaba yisu elihle ukuba naye umfu Mbokazi nesigungu sakhe esengamele lo mcimbi basondeze eduze abantu abasezingeni likaNdunankulu wesifundazwe kuthi uma wenziwa abasuke benikezwa le ndondo babusiswe yinhloko yesifundazwe.
Sikusho lokho ngoba ngisho izisebenzi zikahulumeni osopolitiki nazozonke izifundiswa kuye kufike isikhathi lapho bengasanakwa muntu emphakathini lonke lolu dumo abebeluthola besasezikhundleni seluphelile bese imicimbi enjengalena ikhumbuze ngisho isizukulwane ukuthi baba nesandla entuthukweni yezwe.
Indondo Awards isike yahlonipha oray Phiri weqembu lomculo istimela, Brian Thusi ongumfuthi wecilongo, Sam Nzima ongumthebuli wesithombe sikamufi uhector Pieterson ngezibhelu zasesoweto ngonyaka we-1976.
Baningi asebeyithokozele lendondo okungaba yishwa ukungaqhubeki komcimbi wayo. Kungaba kuhle ukuba abantu basesouth Afrika bakhule ngokucabanga kuphele lomkhuba wokuthi uma umuntu ebekwe esikhundleni asebenzise sona ukuciba izitha zakhe akhohlwe ngumsebenzi osemahlombe akhe.