Liqalile elabasolwa ngokweba ikhopha
Ngemuva kweminyaka betokile
EKUGCINENI selize laqala ukuqulwa icala labasolwa ngokweba ikhopha Kwazulu-natal. Kubasolwa abangama-22 abayisi-6 babo bawavumile amacala ngemuva kweminyaka eyisihlanu betokile icala labo lingaqalwa enkantolo yasescottburgh, eningizimu yeKwazulu Natal.
Leli cala selibe neziwombe eziningi zodlame nokuhluthuka kwezinhliziyo, abamangalelwa bekhala ngokungahlonishwa kwamalungelo abo.
Abamangalelwa bebevele phambi kwemantshi W Prinsloo, kushushisa unkk Yuri Gangai.
Abayisi-6 bawavumile amacala kwathi abayi-16 bawaphika okuholele ekubeni lihlehliselwe ulwesine lomhla zinhlanu kumfumfu (October), lapho kuzobe sekuqala lona ushikishi lokubizwa kofakazi, libalahle elibalahlayo libathethe abamsulwa.
Kwenzeka lokhu nje ngonyaka odlule abane bawavuma amacala bagwetshwa iminyaka efinyelela kweli-15, kumanje bayadonsa.
Khona futhi nyakenye kulimale abashushisi ababili besifazane abajikijelwe ngezihlalo ngabasolwa ngaphakathi enkantolo, bebasola ngokuthi banenhlese yobandlululo kepha bayakuphika lokho abashushisi.
Leli cala lisukela ekuboshweni kwabasolwa abebesuka ezindawe- ni ezahlukene kuleli nasemazweni angaphandle abebenqamula amakhebuli ekhopha ezindaweni zaKwazulu-natal okubalwa kuzo umnambithi, Mgungundlovu nasemthwalume.
Baboshwe ngonogada bakwaTransnet behlangene nophiko lwamaphoyisa ecrime Intelligence emthwalume, eningizimu yeKwazulu-natal.
Kwababoshwa kunoyedwa owabajikela waba ngufakazi wenkantolo walibhoboza ithumba bashaqwa bonke bengama-26.
Njengoba laba abayisi-6 sebewavumile amacala kusho ukuthi sebelungiselelwa ukuba bavele kweyabo inkantolo bagwetshwe bengasahlangene nalaba abawaphikile.
Bathathu otolika kuleli cala - ngowolimi lwesizulu, isitsonga, nesishona sasezimbabwe. knowledge.simelane@ilanga-news. co.za