I-CHANNEL 0 IGUBHA IMINYAKA ENGU-20
SIZOGUBHA iminyaka engamashumi amabili ngendumezulu yekhonsathi isiteshi sikamabonakude somculo, ichannel O, esikhonjiswa kwidstv.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, lesi siteshi sibe ngesokuqala somculo ukukhonjiswa eningizimu Afrika ngesikhathi sokuqala kokusabalala komculo we- kwaito ngeminyaka yama-90s.
Unksz Yolisa Phahle, oyisikhulu esiphezulu kwamnet, ukuqinisekisile ukuthi lesi siteshi sizobungaza iminyaka engamashumi amabili siqalile ukukhonjiswa kuleli.
“I-channel O idlale indima enkulu ekuthuthukiseni umculo wakuleli njengoba sazi ukuthi iqale ngesikhathi i- kwaito isaqala ukusabalala kubantu bakuleli. Singajabula ukuthi uma sesigubha le minyaka sibe nendumezulu yekhonsathi yomculo,” esho.
Akafunanga ukuphumela obala ngosuku lwekhonsathi njengoba eveze ukuthi konke kuzohlelwa bese umphakathi uyaziswa.
Unkz Phahle ubekhuluma ngesikhathi iziteshi zikamabonakude ezingaphansi kwemultichoice zethula izinhlelo zazo ezintsha emultichoice Centre erandburg, egoli. Uveze ukuthi bayaziqhenya ngezinto abazizuzile kulo nyaka nalezo ezizuzwe yiziteshi ezingaphansi kwabo.
“Kuningi esiziqhenya ngakho kulo nyaka, kubalwa ukuhlabana ngezindondo zomhlaba ezisibeka eqhulwini lweziteshi zomhlaba. Iziteshi zethu, ikyknet nemzansi, zisaqhubeka nokwenza kahle nokuhamba phambili ngezinombolo zababukeli,” esho.
Uqhube ngokuthi ngeke awukhohlwe umcimbi obe yingqophamlando, iviewers Choice Awards.
“Ube yimpumelelo enkulu kithina kanti sinesifiso sokuba wenzeke minyaka yonke uqhubeke nokukhula nangonyaka ozayo. Izibalo zababukeli zenyukile ngalobo busuku okusho khona ukuthi abantu bakuthokozela ukuhlangana kwabantu abasemkhakheni wezokungcebeleka. Siyaziqhe- nya nangethimba ebelisethulela lo mcimbi bukhoma,” esho.
Unkz Phahle uphinde wadalula ukuthi ubudlelwano bukatrevor Noah nemnet buyaqhubeka nokukhula njengoba ezoba nohlelo lwakhe azoqala ukuluqopha maduze.
“Ngeke sinanaze kodwa utrevor wenza kahle kakhulu. Lokhu kufakazelwe nawukwelulwa kwenkontileka yakhe nedaily Show. Siyazigqaja ngempumelelo yakhe futhi kuyasithokozisa ukuthi kunohlelo azoluqopha nathi oluzothuthukisa osomahlaya bakuleli,” esho.