Kugcizelelwa eyezikhali zimamoya
ABAZALWANE bakhunjuzwe ngesihlangu sokukholwa esidingeka ngaso sonke isikhathi ukuze banqobe kulolu hambo lwabo olude lwempilo yokukholwa.
Lokhu kuvele entshumayelweni kamphostoli Bheki Gamede, ohola ilighthouse Hope of Nations Ministries International, esteadville, eladysmith, maphakathi neKwazulu-natal ngesonto eledlule.
Emuva kwendumiso enamandla ebiholwa yikhwaya lasekhaya kuleli bandla, umphostoli Gamede uvule izwi lenkosi KwabaseEfesu 6:16 lapho kuthi khona: “Kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi”.
Ingqikithi yentshumayelo kaMphostoli Gamede abeyinikeze isihloko ngolukakhwini esithi nje “The Shield of Faith” ibisobala futhi ivumelana namazwi asendimeni yezwi efundiwe.
Kule ntshumayelo abazalwane bebebuyiselwa ezisekelweni zobukristu lapho konke kwenzeka ngokukholwa, ngisho nokuvika imicibisholo yesitha evuthayo.
Kwelikamoya umsebenzi wesihlangu sokukholwa uwufanise nalowo wesihlangu esiphathwa ngamabutho empini lapho ibutho lingeke lakwazi ukubhekana nesitha isihlangu singekho.
“Nangezikhathi zebhayibheli uma amasosha eya empini, isihlangu bekuba yiyonanto yokuzi- vikela kulezo zinkemba, yimikhonto nemicibisholo yesitha. Ngaphandle kwezihlangu amasosha ayengavikelekile ekubulaweni yisitha,” kusho umphostoli Gamede.
Eqhubeka nentshumayelo yakhe, uthe umoya ongcwele usikhuthaza ngokuthi nxa abazalwane bethatha izihlangu zabo zokukholwa bayokwazi ukucima yonke imicibisholo evuthayo yesitha esingusathane.
Wengeza ngokuthi akukhathalekile ukuthi yintoni isitha esigadla ngayo, uma umzalwane eqinile okholweni, konke isitha esikubhekise kumzalwane kuyowela phansi noma akuphebeze ngaso isihlangu sokukholwa.
Wathi lapho isitha sikuhlasela ngomoya wokwesaba nokukhathazeka, ukholo lomza-lwane luyakwazi ukuwuqeda amandla lowo moya, njengoba izwi lenkosi encwadini I Kapetru
5:7 lisho ukuthi, “niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngoku- ba uyakunikhathalela”.
Ngokufanayo futhi uma ehlaselwa yisitha ngezifo nokugula, umzalwane akwenqabele ukugula ngokukukhumbuza ukuthi umzimba wakhe uyithempeli likankulunkulu
(I Kwabasekorinte 6:19).
“Niyazibonela ukuthi ukukholwa kusemqoka kangakanani. Ngaphandle kokukholwa umzalwane uyefana nebutho elingasiphethe isihlangu uma liya empini,” kusho yena.
Uphethe ngokugcizelela ukuthi okholweni indaba yokuphatha isihlangu yinto yemihla ngemihla ngoba usathane impi yakhe uyiphaka nsuku zonke. Lena bekuyintshumayelo eqonde ngqo lapho umzalwane efundiswa ukuzimela ngokwakhe okholweni, angathembeli komunye umuntu noma kwezinye izinto.
Umsebenzi weihlangu sokukholwa uwufanise nalowo wesihlangu esiphathwa ngamabutho empini lapho ibutho lingeke lakwazi ukubhekana nesitha isihlangu singekho.