EZEMISAKAZO:
NGIHLALE ngisho ukuthi impela abaphathi nabasakazi kumele bakhumbule zikhathi zonke ukuthi sivulekile ingqondo singabalaleli, kasisakhohliseki nje kalula ngoba sekulula ukuthola ulwazi nokuzikhethela.
Phambilini inkinga ebiyenza sigcine sikholwa wukuthi abasakazi “ngonkulunkulu” imbala yingoba ulwazi belungabonwa nobekwenza sikhohliseke kalula. Manje konke kula ezandleni zikhathi zonke, sinenqwaba yezinto esingakhetha kuzona uma umsakazi noma uhlelo lubhacaza.
Ngikushiswo futhi lokhu yimibono eqhamuka zikhathi zonke uma kunezingxoxo ezivulelekile lapho abalaleli nje abajwayelekile bekushiya ukhexile ngemibono abanayo ngemisakazo yanamuhla. Zolo lokhu sike saba nengxoxo ehhovisi ngokushabalala kwemidlalo yomoya emsakazweni. Eminyakeni edlule ubuthi noma uphuma esikoleni uhlabe ngejubane ngoba ujahe ukufica isiqephu.
Osgidi nomandende kwase kungathi ngomakhelwane bethu ngendlela ababegqama ngayo phambilini kanti lutho, ngabalingiswa nje. Umbono womfundi wethu mhlawumbe ungayisebenzela imisakazo. Uhamba kanje:
KWESINYE isikhathi kuyaye kube kuhle “ukweba” into bese uyisebenzisa ngeyakho indlela neyenza kubukeke noma kuzwakale kangcono. Uyabona nje imisakazo nethelevishini ingakwenza kalula lokhu, kwenyuke izibalo zababukeli nabalaleli.
Kunezinhlelo zethelevishini ezisematheni ezifana ne-our Perfect Wedding, Take Me Out, Idols, The Queen, Generations nezinye eziningi. Iningi lazo zithathelwe kwezenzeka nakwamanye amazwe omhlaba bese kuba wukuthi sekusetshenziswa abakuleli ukuze zibukeke zingezasekhaya ngokugcwele.
Ukhozi FM nje lungayithatha le midlalo luyenze imidlalo yomoya iphenduke undabizekwayo emsakazweni. Ingathatha bona lab’ osaziwayo bayolingisa emoyeni kuyona le midlalo. Kungaba yisinqumo esihle kabi lesi ngoba vele laba bayathandwa futhi bahlala besemehlweni abantu. Indawo nje kapearl womdlalo kamavundla odlala emsakazweni ukhozi FM, angangena khaxa kuyona upearl Thusi.
Ekazolile nje angangena khaxa kuyona unomzamo Mbatha noma ujessicca Nkosi. Ekamazwakhe angayidlala kahle nje u-andile Mxakaza wesibaya. Nginesiqiniseko sokuthi kungaba lula ukwabelana ngababukeli nabalaleli. Nendlela nje esidlalwa ngayo imidlalo yomoya kungamele ishintshe, nayo ithathe imizuzu engamashumi amathathu, ihlukaniswa yizimakethe njengoba kwenzeka nakwithelevishini.
Ekuseni nje singavuka ngowamahlaya, kulingise bona lab’ osomahlaya abadumile. Kungalandela owentsha ongafaka phakathi abalingisi bemidlalo efana nomlazi Gangster, uzalo neminye egxile ezintweni zentsha ebukwa kakhulu yiyona futhi. Ungangena nje khaxa lona ohlelweni lukadudu Khoza, kuthi lona kamavundla ungene kulolu lwantambama lukatshath’ugodo Ngobe noselby Mkhize.
Angiboni ukuthi yini engaba nzima ekuphenduleni lezi zinhlelo zempilo ngqo ( reality shows) ukuba zibe yimidlalo yomoya. Cabanga nje umsakazo uhambela izwe lonke (Idols) uhlwaya ikhono, kusakazwe bukhoma okwenzekayo, ungaba wundabuzekwayo. Abalaleli bazobe bezizwela bukhoma okwenzekayo njengoba umsakazo ulaleleka kalula manje zikhathi zonke okungafani nethelevishini edinga ukuba uzinze ukuze ulandele okwenzekayo.
Kungaba yinto efanayo nangemincintiswano efana no-1’s and 2’s kuncintisana ODJ bukhoma olungangena khaxa ngezimpelasonto. Ukugoqa nje ngithi, baphathi bemisakazo make niyeke ukucabanga into eyodwa, nicabange ukuthi ningabaheha kanjani abalaleli ukuze ningalokhu nigidagide ndawonye. Obhalile Themba Dlamini emnambithi
Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali.
Instagram: @zowakha
Facebook: Zowakha Mbatha
Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za