THANDI ZONDI
KODWA Khaya Dladla, ngicabanga ukuthi udinga umuntu ozokweluleka ngemfashini. Ngiyazi ukuthi awuswele imali kodwa uswele umuntu ozokusiza. Phela lawa mayephuyephu owagqokayo ayethusa. Angisayiphathi-ke eyezicathulo obuzigqoke kumiss Mangosuthu, kungathi yizicathulo zokuxova udaka. Uzwe ubabes ecula ngogandaganda nawe wavele wathenga ugandaganda wezicathulo.
Cha ngeke mngani, shintsha istayela. IQINISO kalikho ngempela emhlabeni. Ngithe ngizifundela amaphepha ngahlangana nodaba lukatipcee lo ocula Amadada nengoma ethi “Iscathulo”. Uthi akajoli nobullistic lona owaduma ngeMamasita. Awusho sisi ngubani obekubuzile uze uyophaphela ubullistic emaphepheni nje? Yena ngesikhathi semamasita akakuphikanga kodwa wena umphika esidlangaleni. Tipcee, le nto oyenza komunye ayilungile. Sengathi engakhipha ingoma ezohlukanisa unyaka ngibone ukuthi uzoqhubeka yini nokumphika. KODWA lo mkhulu okuthiwa ngupastor Mjosty owaduma ngesikhathi sobandlululo uqhamukaphi nje esezozimatanisa nozodwa Wabantu? Ngimbone egagasini (MVG) emcimbini kaprofessor enkonkoshele uzodwa kabi. Kodwa Mjosty ungafike unyamalale iminyaka bese uzovuka ngozodwa Wabantu!
Khohlwa baba, ngeke ulunge. Nale ngoma yakho ombhalele yona angiboni ukuthi izokusiza umthole. Kungcono uyiculele ukujabulisa abantu nje, kodwa khohlwa nguzodwa, ngeke umthole phela usugugile manje futhi nje akayona inhlobo yakho. NGEKE Babes siyakuthanda impela kodwa awuzame ukufihla kancane umzimba nje.
Phela wena awucabangi ukuthi uthandwa ngisho abantu abadala, manje uvele ugqoke nje into encane efihla izindawo ezimbalwa kuphela.
Ngiyethuka ngoba ubaba wakho ungumfundisi, futhi ngiyazi ukukhulise kahle, wakufundisa nenhlonipho - hlonipha-ke sisi nomzimba wakho, ungalingisi lolu sakabhudu losaziwayo abaphashile, abakhangisa ngomzimba.
Ngibone isithombe sakho uhleli kabuhlungwana nje kwacishe kwavela izinto okungamele zivele emphakathini. Gqoka ntombazane ngeke phela sizohanjelwa ngamadoda ethu ngenxa yakho. NGITHI ake ngiphakamisele izandla phezulu ngibongele le ntokazi egcwale ezinkundleni zokuxhumana ngeledlule, unicole Nyaba. Cha sisi uyayenza into yakho, ukwazi ukuvala umlomo kaqueen B kungabi ndaba zalutho. Phela bese sikhathele ngubonang esichomela ngo-aka sengathi thina asinawo awethu amadoda. Kodwa wena utshengisile ukuthi uzalwa
Kwamashu, awudlali nomuntu.
Ngesikhathi ubonang esachoma wena wavele wathatha ithuluzi lakhe lokuchoma maqede wamvala umlomo. Ayi cha usimele girl nathi la Kwamashu, umuntu ochoma ngendoda nje manje ngizomsasazela ngawe ukuze uthathe indoda yakhe.