Kusobala ukuthi I-ANC kayizwani namaqiniso
KUNOMKHUBA omubi osujwayelekile ikakhulukazi kosopolitiki wokuba uma umuntu ekhuluma into abangafuni ukuyizwa, kungakhathalekile noma iyiqiniso, bese beqala bembeka amabala, bamninde ngodaka, bamhlambalaze, bamusho ngezinhlamba.
Kuye kubonakale sengathi bazama ngayo yonke indlela ukwehlisa isithunzi salowo obagxekayo noma oveza into ebathunukayo.
Siyazibuza ukuthi ngabe ngempela kudalwa yini ukuba uma umuntu eveza imibono yakhe noma ephumela obala ngemizwa yakhe ngenhlangano noma ngokuthile bese enaphazwa ngawo wonke udoti.
Kuyimanje nje kuningi osekushiwo ngodkt Makhosi Khoza, obeyilunga le-african National Congress (ANC), omemezele kuleli sonto ukuthi usesulile enhlanganweni ngokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nenhlangano.
Kuyaziwa ukuthi indaba yokungqubuzana phakathi kwe-anc nodkt Khoza isinesikhathi iqhubeka kanti kuningi kakhulu okungekuhle amanye amalunga E-ANC asekushilo ngaye, okunye kwakho okuvele kumangalise nje, kungakholakali. Siyazi ukuthi okumbangele amazinyo abushelelezi nokuba nyamanambana wukuvuleleka, agxeke esidlangaleni ukungahambi kahle kwezinto kwi-anc kanjalo nokuphumela obala ngokweseka isiphakamiso esesike savela kaningi sokuba umengameli Zuma ehle esikhundleni ngenxa yokuthi kuthiwa wehlulekile wukuhola ngobuqotho.
Ekuphumeleni kwakhe obala udkt Khoza uthole ukugxekwa okukhulu, baqala abanye bambeka amabala.
Phakathi kwezinto abazisho ngaye wukuthi uthengiwe, usetshenziswa ngabantu abathile abafuna ukuhlakaza I-ANC kanti abanye bathi wenza kanjena nje yingoba useyojoyina iqembu eliphikisayo, idemocratic Alliance (DA).
Ngaphandle kwalezi zinsolo-ke kuningi nje okunye abakushoyo ngaye okwakha isithombe esibi emphakathini futhi okwenza omunye umuntu ambuke njengomuntu ongathembekile futhi oyiphixiphixi.
Kuyahlekisa-ke lokhu ngoba ngaso sonke isikhathi uma abantu bethunukala kubonakala sengathi bavele basho noma yini abayithandayo efika emiqondweni yabo, ezodicilela phansi isithunzi somunye.
Wenzekile lo mkhuba izikhathi eziningi naku-adv Thuli Madonsela obengumvikeli womphakathi. Bekuvamisile ukuba achashwe ngezinhla-mba, ahlambalazwe abizwe ngamaganyana ayiziswane uma nje eke waveza okungehli kahle kwabanye - mhlawumbe umbiko wophenyo okhomba inkohlakalo enuka phu kwabanye osopolitiki. Abanye osopolitiki bebeze basho ukuthi uyimpimpi, abanye bethi usebenzela I-DA, ulwa NE-ANC.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngowezi-2014 umnu Kebby Maphatsoe, ongusihlalo woMkhonto wesizwe Military Veterans’ Association (MKMVA), ubize u-adv Madonsela ngempimpi yecentral Intelligence Agency (CIA).
Akukhona lokho kuphela okushiwo ngaye u-adv Madonsela kodwa kuningi nokunye. Baningi esingababala okuthi uma begxeka bese beba nyamanambama, bebhixwe ngayo yonke inhlobo kapende.
Kuningi kakhulu amanye amalunga E-ANC akushilo ngaye.