Masingadlali abaholi bepolitiki
MHLELI: Balibeka kahle abadala uma bethi umbeki wenkosi akabusi nayo. Uma owoselwa ezobekwa kuba nelikhulu isasasa kusalungiselwa ukuba inkosi ibekwe. Uma yona inkosi isiphethe ayibe isamazi lowo owayeyibeka, phela ingani isuke isithole abangani bayo abasha.
Ngokunjalo-ke nakubo laba baholi bepolitiki abasibusayo, yiso leso, baba ngcono kakhulu uma sebekhethiwe, kuthi lolu quqaba olubakhethile balithele ngezintuli kube sengathi abakaze belubone ngisho kwamadala ejuteni.
Engikhuluma njena okwamanje basekude kabi nathi ngoba nakhu ukhetho lusaqhelile. Kwasidingo sokuba babe seduze nathi abasiboni ngisho nakancane.
Bazoze basibone nje bebe behlushwe yini ngathi? Ingani phela sikhumbuleka kahle uma sekuyizikhathi zokhetho. Okunye okubenza bethi ukusondela kancane kithina kuba ngesikhathi lapho kunokhetho lokuchibiyela, yilapho-ke esizothi ukubabona khona okwesikhashana.
Dlula-ke wekhetho sebekude lena kwelenyoni. Okusho ukuthi thina sifunwa amavoti ngesikhathi sokhetho kuphela. Size silethelwe izimbizo eziyisimanga zokusikhohlisa, ngabaculi kwabona nabo abazincengelayo ngokuba betuse ukhongolose.
Siphiwa ukudla kosuku kanye nezinkulumo zokukhohlisa thina bantukazana.
Ngapha-ke batamuza amathenda. Thina-ke esisemazingeni aphansi siyini?
Uma kukhulunywa ngamathuba omsebenzi kushiwo lawa okugqoka umbala o- orange.
Ipiki madoda limi ngenhla kithina, ayikho njalo nemali eholwayo. Masiye ezinganeni zabo - zithola izikhundla eziphezulu, ziphethe imisebenzi ephambili.
Ngibuza ukuthi kanti izingane zabaholi zimasha nini ziphathe izingqwembe njengezingane zethu? Zibonakala nini nazo zithi: "hhayi hhayi, hhayi hhayi!"
Kufanele phela kube ngezethu ngoba thina ziyizinto ezingelutho. Kunini lapho khona ozwa kuthiwa uma kunerali yeqembu lepolitiki, kuthiwe nansi ingane kamholi othize?
Akulula phela ngoba akumele ingane yomholi ishiswe yilanga ijuluke futhi ikhathale.
Yona ingane yomholi inezicathalala zikayise noma zikanina ezimfukuzelayo. Ezethu thina bafokazana zithola imisebenzi yama-avaloni a- orange. Izingane zezikhulu-ke zona zifanelwe yizihlalo ezinamasondo, ezijikayo emahhovisi.
Ezethu kumele zilayishwe ngamabhasi nangezimoto zihamba zikhankasa, zixabana nabantu ngoba kumele kuphakanyiswe igama lomholi okuzothi ekugcineni yena nenzingane zakhe babe nekusasa eliqhakazile.
We bantu abasemazingeni aphansi, sivumelani ukuba kube yizingane zethu ezilayishwa emabhasini ziyokhankasa? Sivumelani kube zingane zethu okumele ziyosekelana nomholi uma esolwa ngenkohlakalo?
Kanti leyo nkohlakalo usuka eyidla nathi yini noma nomndeni wakhe? Kunganjani umholi esekelwe wumndeni wakhe kanye nalabo akleza nabo okungabangani bakhe? Ezethu kumele njalo zihambe zithukana nabantu bakwamanye amaqembu.
Liphi iqiniso?
Yini-ke uma sekwabiwa imisebenzi ezethu zinikwe owamapiki? Ikhona yini ingane yomholi egqoma ipiki njengezethu?
Mina bengingakayiboni ngisho nakancane.
Uma kukhulunywa ngemisebenzi njalo kushiwo itoho lezinyanga eziyisithupha bese-ke uhulumeni ehamba ememezela. Engikushoyo wukuthi bazali, masingavumi ukuba kuthathwe izingane zethu zisetshenziswe yilaba baholi ukuze baqhubeke baphile kahle nemindeni yabo, ekubeni thina bantukazana sidla imbuya ngothi.
Nani ngokunjalo zingane zethu musani ukuvuma nilayishwe ngezimoto nihambe niyolwa izimpi zabaholi ekubeni ekugcineni kosuku ningeke nizuze lutho ngaphandle kokunikwa ukudla neziphuzo.