I-arrows engcupheni yokushiywa ngumahachi
Umato Madlala uzimisele ngokumudedela uma...
ISENGCUPHENI yokulahlekelwa ngumdlali ovutha engabaselwe kulezi zinsuku ilamontville Golden Arrows njengoba kuvela ukuthi kunamakilabhu ase-europe asetshelwe kabanzi ngaye.
ILANGA Langesonto lihoshe ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi kunamakilabhu eportugal, eturkey nasefrance asezithendeni zikakudakwashe Mahachi wasezimbabwe odlala esiswini kwi-arrows.
Umahachi ufike kuleli emuva kokuba esayine kwimamelodi Sundowns. Nokho akazange adlale imidlalo etheni yabe isimubolekisa kwi-arrows.
Ugcine esesayina ngokugcwele kwi-arrows ekuqaleni kwesizini. Leli phephandaba lithole ukuthi kune- agent thizeni ezinze kuleli esithinte amakilabhu ase-europe ngalo mdlali.
Kuthiwa amabili awo asechazekile ngakubone kulo mdlali osekusele nje wukumubuka emidlalweni emibalwa ezayo bese elandela imigudu efanele.
“Kunomqeqeshi oke wasebenza kuleli osephume umkhankaso wokusiza abadlali abashisayo kuleli ukubayisa e-europe.
Ulihambisile igama likamahachi kula makilabhu, amanye awo achazeka.
Ungamangali uma ehamba ingakapheli le sizini ngoba udlala kahle futhi ulikhuphule kakhulu izinga kunakuqala,” kusho umthombo.
Leli phephandaba lishayela umato Madlala ongumnikazi weArrows ngalolu daba, uthe akekho obeseze kuyena ngodaba lwalo mdlali.
“Ngabe ngihubhuza amanga, akekho oseke weza kimina ukuzongithinta ngodaba lukamahachi. Izono nginazo impela kodwa esamanga ngisesaba kabi, kangisifuni. Kodwa-ke ngeke ngethuke uma kukhona amakilabhu amfunayo ngoba uwukhuphule ngendlela emangalisayo umdlalo wakhe.
“Ngubani ongeke ajabule ukudayisa umdlali ngama- pound? Uma kungaba khona oqhamukayo nje ngeke ngime endleleni kamahachi ngizomudedela.
"Ngisho nakuleli imbala uma kukhona omfunayo nami ngibona ukuthi ngeke esasenzela lutho kulokhu asekwenzile ngizomudedela,” kusho umato.
Nokho uthi kodwa uyazi-ke ukuthi kunamaqili abuye asabalalise izindaba ezinjena ngenhloso yokuphazamisa umdlali.