UBHEKENE NOSIZI UYISE WESITOBHA SE-DOWNS
UBHEKENE nosizi uyise wesitobha semamelodi Sundowns esiphila ngokubolekiswa emakilabhini ehlukene agijima kwi-absa Premiership.
Ukwanda Mngonyama oyisitobha sedowns uphila ngokubolekiswa selokhu anyuselwa esikimini esikhulu sale kilabhu. Kumasizini edlule ubedlala kwimaritzburg United abetshelekiswe kuyona. Nokho kule sizini ufana nefenisha kule kilabhu njengoba ejima kodwa elizwa ngendaba ijezi.
Upitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi wedowns walibeka ngesihloko ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi lo mdlali akekho ezinhlelweni zakhe. Idowns inqabile ukumbolekisa kule sizini yathi izomudedela kuphela nxa kukhona ofuna ukumuthenga.
Lokhu sekwenze usibongiseni Mngonyama onguyise kakwanda wakhihla isililo ngesimo sendodana yakhe njengoba ebona sengathi liyashabalala ikusasa layo kunobhutshuzwayo.
Usibongiseni utshele ILANGA Langesonto ukuthi ukhathazekile ngendodana yakhe. Uthi kunzima nokuthi axhumane nayo ngoba uyayazi ukuthi kayikuthandi ukukhuluma.
“Uma ngicabanga isimo indodana yami ekuseni kuvele kuhlengezele izinyembezi. Ngimkhulise kanzima kakhulu ngamfundisa nenhlonipho. Ngiyazi ukuthi le nto iyamuhlukumeza. Besihlale sihambela imidlalo yasekhaya yemaritzburg United ukuyomeseka.
“Namuhla abantu bangakithi exopo ebengihamba nabo ukuyoseka ukwanda emgungundlovu bayangibuza ukuthi kwenzekani, kangazi ukuthi kumele ngithini. Ngihlukumezeke kakhulu kwazise kudala ngiwa ngivuka naye ukuze aphumelele kunobhutshuzwayo, ngimhambisa itheku lonke ukumvulela amathuba.
“Ngiyayibonga kakhulu isundowns ngethuba emnike lona imfaka ebholeni elikhokhelayo, kodwa ngiyazicelela ezikhulwini zayo ukuba zimkhulule, ajoyine ikilabhu azothola ithuba lokuzibonakalisa kuyona ukuze avulekelwe nangamathuba okungena kwibafana Bafana ngoba iminyaka yakhe iyahamba kayimile,” kubalisa usibongiseni.
Uthulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwidowns, uthunyelelwe imibuzo ukuthi senza lolu daba kwazise akekho kuleli usemorocco. Ukuqinisekisile ukuthi imibuzo uyitholile. Kushaye isikhathi sokuloba engakaphenduli.