ESKHALENI:
ILAHLISA ngethemba eyokuputshuka kwezindaba zokuthi kunenkeshezana yabadlali bebafana Bafana abahambe bayozitika ngobumnandi ngemuva kokuthelwa ngehlazo yicape Verde Island kuba ngu-2-1 emdlalweni womlenze wesibili muva nje emoses Mabhida Stadium, ethekwini.
Kwenzeka lokhu nje, laba badlali bebebuya esibhaxwini somphumela ofanayo kowomlenze wokuqala ekuhambeni.
Okuthusa kakhulu wukuthi ustuart Baxter ongumqeqeshi weBafana ulufaka ngaphansi kwamatafula lolu daba. Lo mqeqeshi nguyena okumele ngabe ubikele isouth African Football Association (Safa) ngalokhu ukuze baqondiswe ubugwegwe abadlali abenze lokhu. Kuyihlazo ukuyokwenza umgubho wokuthi uhlulwe yizwe elingenamlando ebholeni, futhi elinabantu ababalelwa kwizi500 000.
Ubaxter njengomqeqeshi waseEngland, besilindele ukuthi abe nesandla esiqinile kubadlali abaziphatha budlabha kwazise bayaqondiswa ubugwegwe abaphambana nezenzo zokulunga emazweni asethuthukile kunobhutshuzwayo emhlabeni.
Lolu daba kaluphelile njengoba i-amienss SC yasefrance edlalelwa ngubongani “Ben 10” Zungu iluphenya.
Uzungu uzozalelwa yinja endlini uma ubufakazi bophenyo lwekilabhu yakhe bukhomba ukuthi ubeyojabula nabalingani bakhe kwibafana ngemuva ko- mdlalo njengoba bekumele ngabe baphumule balungele ukubuyela emakilabhini abo ngokwahlukana.
Kuyacaca ukuthi efrance kabazwani nabadlali abaziphatha budlabha njengoba uphilippe Troussier wakuleliya lizwe obelolonga ibafana, ekhombe indlela ubrandon Augustine nonaugthy Mokoena ngokwenza okufanayo ngesikhathi kuqhubeka indebe yomhlaba ngonyaka we-1998 efrance.
Laba badlali bagila lo mkhuba ibafana ilwela ukudlulela esigabeni esilandelayo njengoba yayisadlala imidlalo yamaqoqo.
Bekungaba kuhle ukuthi ubaxter akusukumele lokhu bese bethathelwa izinyathelo abadlali abathintekayo. Abadlali kumqoka ukuthi bazi ngokubaluleka kokugqoka ijezi lesizwe.
Nokho-ke kakuthusi kangako ukunyathela kukabaxter lolu daba njengoba izingqapheli bezisho ngesikhathi ethatha lo msebenzi ukuthi uzokuba nenkinga yokuhlulwa wukulawula abadlali ikakhulukazi labo abanegama.
Kushukuthi iningizimu Afrika kumele imincele ukuthi kungabi bikho mdlali ozokweqa ekhempini yebafana ayojuxuza ngaphambi komdlalo wokuhlungela indebe yomhlaba neburkina Faso mhla ziyisi-9 kumfumfu (October) EFNB Stadium, egoli.
Nokho-ke imidlalo esele yebafana ibukeka sekungeyokugcina icala njengoba inephuzu elilodwa futhi kuyiyona ebambe ibhuleki kwi-group D.
Mhlawumbe ibafana izokwazi ukuthola umphumela ohloniphekile njengoba egila izimanga u-itumeleng Khune ongunozinti weKaizer Chiefs nalesi sikwati.
Ukhune uyakwazi ukuhlela kahle abadlali bakhe basemuva noku-tshala ngendlela enobuchule amabhola okwenza abadlali bakhe bakwazi ukuhlasela.
Lo nozinti ubengekho elakuleli lihlulwa yi-cape Verde ngenxa yomkhuhlane.
Lo nozinti nguyena owenze waze wakwazi ukulala ubuthongo bengane encane usteve “Mphathi” Komphela ocija izimpofana ophila ngengcindezi njengoba evimbe ngendlela esezingeni eliphezulu emidlalweni yakamuva okwenze waqokwa njengomdlali ovelele kwemithathu kulandelana. philanin@ilanganews.co.za