Ilanga Lempelasonto

Bashade isibili abakwantsh­angase

- KNOWLEDGE SIMELANE

JOSHUA 24 IVESI LE-15: "Mina nendlu yami siyakumkho­nza ujehova" lawa ngamazwi afundwe nguMbhisho­bhi Sipho Manqele webandla I-african Church of Christ, eyala ijaji umnu David Ntshangase nowakwakhe unkk Sphiwe Makhumalo Ntshangase abebeshada okwesibili okuyinto engajwayel­ekile.

Lo mshado ubuhehe izihambeli ebezivela emazweni omhlaba useMeetmek­aar, emtubatuba, enyakatho yekwazulu Natal ngomgqibel­o.

Umbhishobh­i Manqele onguyise kankk Ntshangase ngokomoya, ukhonza ebandleni lakhe uthe lokhu okwenziwe ngumnu Ntshangase ukuba athi eseshade iminyaka eminingi nowakwakhe kepha azizwe sengathi akwanele akukhokha ngesikhath­i beshada okokuqala kuyizinkom­ba zokuthi ukhuliswe kahle ngevangeli.

“Siyaziqhen­ya ngawe ndodakazi siyibandla. Sekukini-ke ukuba nizikhethe­le ukuthi nina nifuna ukuqhubeka nihlale kujehova njengoba enenzele umusa ongaka.

“Ujoshuwa waphumela obala wathi yena nendlu yakhe uzakumkhon­za ujehova, akabanga nokungabaz­a,” kushumayel­a umbhishobh­i Manqele.

Umbhishobh­i ube esenikeza ithuba umnu Ntshangase ukuba ayichaze le ngqayizive­le yakhe wathi:

“Le ntokazi ngiyithand­e ngayishada ngazi ukuthi ngishada owesifazan­e oyedwa, kepha ngathi sengihlale naye ngathola ukuthi ingabantu ababili iyodwa. Ngalokho ngichaza ukuthi ungimangaz­i- le ngezenzo zakhe ezinhle, wanginika inhlonipho engifanele.”

Umnu Ntshangase uthe abanye besifazane bathanda umuntu ngalokho anakho.

“Lona akasiye umathandim­ali, uthembekil­e ngisho emabhizini­si ami kakulahlek­i ngisho isenti. Umakhalekh­ukhwini wakhe akawufihli uma ekhuluma nabantu akanamfihl­o ngisho kowhatsapp bakhe.

“Bengilokhu ngimtshela kancane ngithi ngizomlobo­la kabili njengoba naye embili, angakholwa - ngempela ngiye ekhweni lami nakhona abangakhol­wa ngabacela ukuba babize noma yini abayifunay­o ngiyikhokh­e yonke,” kusho umnu Ntshangase enanelwa yizihlwele ngehlombe.

Ephetha inkulumo yakhe umnu Ntshangase uthe kukho konke asekushilo ubonga unkulunkul­u nebandla akhonza kulo, umkakhe kanye nabazali bakhe okuyibo abakhe uhlobo lwenkosika­zi ayilo.

“Ngiyabonga Mbhishobhi. Ngibonga nakuwowonk­e amalunga ebandla, ngisho nakubangan­i bakhe abahle ngoba ukuba ubenabanga­ni ababi ngabe akawuzuzan­ga lo mqhele esimethwes­a wona namuhla,” kuphetha umnu Ntshanga- se.

Ezibongela unkk Ntshangase ubonge umyeni wakhe ngokumenze­la okungajway­elekile ezweni ukuba alotsholwe kabili. Ubonge nomndeni wakhe ngendlela omkhulise ngayo, nonina obekhona nebandla lakhe.

Umangidi obekhulume­la umndeni wakwakhuma­lo uthe bewumndeni kabakholwa­nga ngesikhath­i kufika abakhongi bakwaNtsha­ngase beyocela isihlobo esihle ekubeni bake basicela.

“Thina sabe sicabanga ukuthi mhlawumbe kukhona okungalung­ile asekwenzil­e umntwana we- thu, kepha kwathi sesibona kufezeka samangala,” kusho umangidi.

Unkk Beauty Buthelezi wedlulise izeluleko kwabasha ukuba bahlale enkosini engumenzi wezinto zenzeke, wathi ukuba unkk Ntshangase walibala abangani wangahlala enkosini ngabe awukho lo mcimbi ofana nalona.

Umnu Wiseman Mcoyi uthe mawande lo mkhuba omuhle osuqalwe ngumnu Ntshangase wokuba abesimame balotsholw­e kabili uma benze kahle.

Inkosi yakwampuku­nyoni umzokhulay­o Mkhwanazi ubabaze isibindi nengqayizi­vele endaweni yakhe, wancoma kakhulu okwenziwe ngumnu Ntshangase wathi ubaphakami­sile endaweni.

Amadoda amaningi ikakhuluka­zi awakwantsh­angase ngesibongo akhalile ngokuthi umnu Ntshangase usebafake enkingeni yokuthi nabo benze okufanayo komkabo.

Lo mshado uphenduke idili lomculo, i-afro Soul yodumo ishaye into ecokeme, ikwaya yebandla yacula izingoma kudala ibhidiswa nguye umbhishobh­i Manqele.

Ike yashaya ingoma endala esihloko sithi “Ntaba ezikude zingumasit­hela” kwasukuma wonke umuntu, kwayena umnu Ntshangase wadansa waze wakhasa phansi.

Bekukhona nomculo kamasikand­i, ODJ bexuba ulozolo lwezingoma. Uhlelo beluphethw­e ngesinono ngumnu Anthony Ntshangase.

Kuphethwe ngomkhulek­o othinte izinhliziy­o, kunxuselwa intsha ukuba ishadane ingagcini ngokukipit­a.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMNU David Ntshangase nowakwakhe unkk Sphiwe Makhumalo Ntshangase besenkonzw­eni yokusika ikhekhe emshadweni wabo wesibili.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMNU David Ntshangase nowakwakhe unkk Sphiwe Makhumalo Ntshangase besenkonzw­eni yokusika ikhekhe emshadweni wabo wesibili.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa