ABOZALO BAFEZE IPHUPHO LEZIGULI EZIMBILI EZINCANE
USHESHE wafika ukhisimusi ezinganeni ezimbili ezinezifo ezibucayi ngesikhathi zithola ithuba eliyingqayizivele lokuba yingxenye yokuqoshwa komdlalo owuchungechunge, Uzalo, okhonjiswa phakathi nezinsuku KWISABC 1.
Inhlangano, ireach For A Dream, ngokubambisana neSABC Foundation bahlanganyele ukufeza iphupho likababalwa (9) noshane (8) lokuzibonela okwenzekayo uma kuqoshwa lo mdlalo ohamba phambili ngababukeli eningizimu Afrika.
Ngokwesitatimende sabezindaba esikhishwe yinkampani ekhiqiza uzalo, istained Glass Productions, ubabalwa unesifo samaphaphu (Chronic Lung Diseases) kanti ushane unomdlavuza ohlasela igazi (Non- Hodgkins Lymphoma).
Iphupho labo bekuwuhlangana nabalingisi balo mdlalo kwazise bayazifela ngawo njengoba ungabaphuthi.
“Bebefuna ukubona ukuthi kwenziwani uma kuqoshwa lo mdlalo futhi bafunde ngokwenziwayo kumabonakude. Bakujabulele ukuchitha usuku naba- lingisi ababathandayo, nathi kusijabulisile ukubona ukumoyizela ezinganeni,” kusho abakhiqizi bozalo esitatimendeni.
Phakathi kwabalingisi abachithe usuku nalezi zingane ngoLwesibili kubalwa udawn Thandeka King, olingisa indawo kaMangcobo, Masoja Msiza, odlala indawo kankunzi, unaymaps Maphalala, odlala ekamxolisi, untokozo Dlamini, odlala ekaMastermind, ukhaya Dladla odlala ekagc, unokuthula Mabika, odlala ekathobile, Sihle Ndaba, odlala ekasmangele, Nelisa Mchunu odlala ekafikile nosihle Xaba odlala ekakhumbulani.
“Sizizwa sihloniphekile ukuba izingane zikhethe Uzalo emidlalweni eziyikhonzile njengoba nathi sikuthokozelile ukuchitha usuku nazo,” kuphetha abestained Glass esitatimendeni.