AMAHLAYA NOMUNYE PHEZU KOMUNYE
NGOKUJWAYELEKILE lesi yisikhathi samagigi okujuxuza namafestivali kodwa okuhlalukayo wukuthi nosomahlaya abangabahleli bemicimbi kabazibekile phansi.
Phakathi kwabo kubalwa usimphiwe Shembe nojustice Kubheka asebezakhele ugazi ngokuba nemicimbi abayihlela nyanga zonke, ikakhulukazi ethekwini nasemgungundlovu. Ushembe usengabizwa ngenduna yetheku ngokunjalo nojustice emgungundlovu.
Amahlaya kashembe ajwayele ukuba nyanga zonke ebat Centre ngale kwama- picnic namanye abuye awahlele. Ujustice yena uvala esprytz Premium Lounge nyanga zonke, abuye ahlele nakwezinye izindawo njengasehammarsdale nezinye ezingaphandle kwetheku nomgungundlovu.
Sikhuluma nje ushembe uhlele azoba ngobusuku obandulela ukhisimusi khona ebat Centre nalapho ethembise khona nezipho kwabazoba nenhlanhla. Ngokwesibili nonyaka enza lo mcimbi kanti kulokhu ubophele utall Ass Mo, Sengsay, Flaimotion nosyanda.
Ngesonto elizayo ujustice ubophele uxhaxha losomahlaya ewinston Churchill Theatre, emcimbini obizwa ngepietermaritzburg Annual Comedy Festival, mhla zili-15 kusihlwa ngehora lesi-7, nosuwesekwa nawumnyango wozobuciko namasiko. Kwabazonandisa ngupastor Mjosty, Dlungelwa, Nonto R, Gap, Siya Seya, Mangaliso, Chillies nabanye abaningi.
Bathi osomahlaya kabazitholi bencintisana nabahleli bemicimbi yobumnandi ngoba vele abantu bathanda izinto ezingafani.
“Kusukela kuqala unyaka, imicimbi yokujuxuza kayiswelakali kanti amahlaya athe gqwa gqwa, mhlampe kanye ngenyanga.
"Ngale kwalokho, ngokujwayelekile imicimbi yamahlaya iphela ngabo-11 kanti laba abafuna “Omunye Phezu Komunye” baqala ngazo lezo zikhathi, ngakho-ke kakuphazamisani,” kusho ujustice ngenselelo yemicimbi eyinsada ngalesi sikhathi sonyaka. zowakha@ilanganews.co.za