5. UYAFA WUTSHWALA UYISE WEZINGANE ZAMI
IMPENDULO: Isimo obhekene naso dadewethu yisimo esibhekene nabantu abaningi eningizimu Afrika.
Engikuthanda kakhulu wukuthi unazo izifiso zokuya phambili. Ukuwina empilweni kuqala ngokuba ube nesifiso.
Uma into uke wayifisa kusuke sekunamathuba amaningi okuba uyithole.
Okukamatikuletsheni kulele ezandleni zakho ngoba imfundo ayikhulelwa, umuntu angafunda ngisho eseneminyaka engama-70, akuthole lokhu ayekufuna empilweni.
Ngiyafisa futhi ukuba ubhekisise abantu ozwana nabo ngoba uma uzwana nabantu abangaphansi kwakho impilo izoshona phansi, wazwana nabantu abalingana nawe ngezinga impilo izoma kodwa mhlazane uthe nje ukuthasisela kancane futhi ngabantu abangaphezu kwakho ngezinga lempilo yakho liyonyuka.
Bhekisisa ukuthi uzwana nobani ngoba siyimiphumela yabantu esizwana nabo (we are the results of our friends). PASTOR, nginenkinga ngoyise wezingane zami - uyafa utshwala, nothando lugcina seluncipha ngoba uphuza kakhulu kodwa hhayi zonke izinsuku kodwa angisathandi nje. Ngicela ungeluleke.
IMPENDULO: Cha dadewethu, ngicabanga ukuthi umuntu odinga ukwelulekwa la yilo muntu othandana naye ngoba nguye umuntu onenkinga. Ukujova wena ekubeni ongaguli ngeke kwasiphilisa isiguli.
Ngiyacabanga ukuthi uma kungenzeka ngiboneni nobabili noma umthinte ukuthi angakwazi yini ukuxhumana nami kule nombolo engezansi ukuze sikwazi ukukhulumisana naye. Kodwa okokuthi uyaphuza ngeke wamyekisa utshwala uma yena esabuthanda.
Kukhona izinto ezenziwa ngabantu esingeke senza lutho nje ngazo. Wena nje okufuneka ukuba ukwenze wukuba umamukele enjengoba enjalo.