BAFUNA UKWENZA I-ARROWS ISIPHO SIKAMOSIMANE
ABADLALI bemamelodi Sundowns bahlela ukunika isipho esikhethekile upitso “Jingles” Mosimane oqeda iminyaka eyisihlanu elolonga le kilabhu.
Idowns izogadulisana nelamontville Golden Arrows kowe-absa Premiership namuhla ngesonto ngo-15h30 eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.
Idowns iya kulo mdlalo nje, isanda kubhudluza ibaroka FC ngo-4-0 ngolwesibili ebusuku elucas Moripe Stadium, e-atteridgeville, kanti i-arrows yona ithole uswazi luka-2-1 kwifree State Stars ngolwesithathu ebusuku egoble Park Stadium, ebethlehem.
Uhlompho Kekana odlala esiswini kwidowns, uthi bazimisele ngokujabulisa umqeqeshi wabo ngenye iwini eseqophelweni eliphezulu.
“I-arrows ngeke ize ibe lula ngoba iyashesha futhi idlala ibhola elimnandi. Kodwa-ke lo mdlalo sifuna ukuwunqobela umqeqeshi wethu obeqeda iminyaka eyisihlanu esekilabhini. Sifuna ukwenza i-arrows isipho sakhe bese sikuqinisekisa ukuthi siya emaholidini kakhisimusi sihleli esicongweni.
“Silindele umdlalo omnandi kwi-arrows kodwa sizokwenza ngawo wonke amandla ukuthi sibuya namaphuzu agcwele,” kusho ukekana odlala esiswini kwiSundowns ebukeka isibuyelwa yifomu ezakhele ngayo udumo inqoba iligi kumasizini amabili adlule.
Uclinton Larsen ocija i-arrows, uthi kabanalo ngisho oluncane uvalo ngesundowns.
“Isundowns idlale kahle ibhekene nebaroka, isizwe kakhulu wukusebenzisa amathuba ewatholile. Thina sisenaleyo nkinga, siyawathola amathuba kodwa singawasebenzisi.
“Kuzofanele sishintshe ukwenza kulo mdlalo uma sifuna ukuwunqoba. Kanginalo uvalo ngesundowns uma nje konke sizokwenza ngendlela singawunqoba lo mdlalo,” kusho ularsen.
senzos@ilanganews.co.za