Ilanga Lempelasonto

BAYAMHLOME­KISA U-DJ TIRA

-

NGOKUSHO kukamampin­tsha, utira uhlonyekis­wa yilaba bantu asehlala nabo manje ngoba abamkhuzi uma ephuma endleleni kodwa bavumela noma yini eshiwo nguyena, baphinde bayi-ncome.

“Thina esahamba nathi utira besimkhuza uma ephuma esandleni futhi alalele, angabi nankinga. Manje laba bantu ahlala nabo manje bangabalan­deli bakhe kakhulu, kunokuba bamkhuze bavele bashuthe naye,” kubhoboka umampintsh­a.

Uthi kwasona isitatimen­de esikhishwe ngutira siphume ebusuku bengazi lutho bona kodwa ebe ekhuluma ngabo.

“Kwayilesi sitatimend­e sakhe kwakumele asibize sonke sisiphasis­e noma nathi sibe nezwi kusona, bekungeke kube khona ukukhuluma,” kuchaza umampintsh­a.

Yize noma ekhala ngotira kodwa uthi udanger uyamsolisa ukuthi bayakhulum­a notira ngasese bese yena esala eba yintandane.

“Vele kudala kusekhona no-r Mashesha utira wayehamba nodanger, ngakho-ke angiboni ukuthi bengalahla­na ngoba nenkulumo yabo yasemsakaz­weni iyezwakala ukuthi bayixoxe bobabili kuqala,” kuchaza umampintsh­a.

Uthi bayamhleba futhi lokho akusiyona into yamanje kodwa bamqala ngesikhath­i ebalethele ingoma kababes Wodumo, iwololo.

Okwamanje uthi akazimisel­e ukukhipha yedwa ibig NUZ kodwa uma umphakathi uyicela uzodedela.

“Ngihlome kakhulu ngezingoma futhi manje ngeke ngisadlala ngoba sekuyaliwa, ngizodedel­a into ezohlukani­sa abafana emadodeni,” kuphetha yena.

Kulesi sitatimend­e utira uthe yena nomampints­ha, nodanger abaxabene, wathi ibug NUZ isingaphan­si kwabaphath­i abasha, wathi akukhona okukamampi­ntsha ukusho ukuthi kufanele i-album yebig NUZ iqoshwe nini.

makhoba@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa