BAYAMHLOMEKISA U-DJ TIRA
NGOKUSHO kukamampintsha, utira uhlonyekiswa yilaba bantu asehlala nabo manje ngoba abamkhuzi uma ephuma endleleni kodwa bavumela noma yini eshiwo nguyena, baphinde bayi-ncome.
“Thina esahamba nathi utira besimkhuza uma ephuma esandleni futhi alalele, angabi nankinga. Manje laba bantu ahlala nabo manje bangabalandeli bakhe kakhulu, kunokuba bamkhuze bavele bashuthe naye,” kubhoboka umampintsha.
Uthi kwasona isitatimende esikhishwe ngutira siphume ebusuku bengazi lutho bona kodwa ebe ekhuluma ngabo.
“Kwayilesi sitatimende sakhe kwakumele asibize sonke sisiphasise noma nathi sibe nezwi kusona, bekungeke kube khona ukukhuluma,” kuchaza umampintsha.
Yize noma ekhala ngotira kodwa uthi udanger uyamsolisa ukuthi bayakhuluma notira ngasese bese yena esala eba yintandane.
“Vele kudala kusekhona no-r Mashesha utira wayehamba nodanger, ngakho-ke angiboni ukuthi bengalahlana ngoba nenkulumo yabo yasemsakazweni iyezwakala ukuthi bayixoxe bobabili kuqala,” kuchaza umampintsha.
Uthi bayamhleba futhi lokho akusiyona into yamanje kodwa bamqala ngesikhathi ebalethele ingoma kababes Wodumo, iwololo.
Okwamanje uthi akazimisele ukukhipha yedwa ibig NUZ kodwa uma umphakathi uyicela uzodedela.
“Ngihlome kakhulu ngezingoma futhi manje ngeke ngisadlala ngoba sekuyaliwa, ngizodedela into ezohlukanisa abafana emadodeni,” kuphetha yena.
Kulesi sitatimende utira uthe yena nomampintsha, nodanger abaxabene, wathi ibug NUZ isingaphansi kwabaphathi abasha, wathi akukhona okukamampintsha ukusho ukuthi kufanele i-album yebig NUZ iqoshwe nini.
makhoba@ilanganews.co.za