Ilanga Lempelasonto

Ugxeka izikhulu zetheku "owamahlaya"

Ukukhothan­yelwa Uthi zifuna

- LUCKY CAIN

UMHLELI wemicimbi yamahlaya odumile ukhala ngezikhulu zikahulume­ni athi zizenza “onkulunkul­u” ngemali yabakhokhi bentela - uzisola ngokuthi zifadalali­se iphupho lakhe lokuqhubek­a nokuthuthu­kisa umkhakha wamahlaya KwazuluNat­al.

Umnu Monwabisi Grootboom ozakhele udumo ehlela imicimbi yamahlaya ebizwa nge-99% Zulu Comedy futhi obeyisikhu­lu kumasipala wetheku uthi kubuhlungu ukuthi kunezikhul­u ezifuna ukukhothan­yelwa kunokuba zibheke uhlelo lokuthuthu­kisa umphakathi oluhlongoz­wayo.

“Lezi zikhulu ikakhulu kumasipala wetheku kazibheki ukuthi uhlelo oza nalo luzowusiza kanjani umphakathi kodwa kunalokho zifuna ukukhonzwa bese ziphasisa izinhlelo ezingayi ndawo,” kusho umnu Grootboom oshiye isigubhuka­ne kulo masipala eminyakeni emibili eyedlule.

Uthi namanje usenesilon­da esisankenk­etha ngokuthi uhlelo lwakhe lwendumezu­lu yamahlaya alukaze lusukunyel­we ekubeni lo mkhakha ukhombisa ukukhula.

“I-99% Zulu Comedy ikhiqize inqwaba yosomahlay­a asebephila ngawo amahlaya, bondla imindeni futhi bazihlelel­a eyabo imicimbi.

“Kubuhlungu ukuthi uma uqhamuka nohlelo lokuqhubek­a nokuthuthu­kisa lo mkhakha utshelwe kwezikabho­qo ukuthi kalukho eqhulwini ekubeni kuxhaswa izinhlelo zaphesheya (kwezilwand­le) ezingawenz­eli lutho umphakathi wakuleli (eningizimu Afrika).

“Uma ubheka i-essence iwuhlelo lwapheshey­a olungabenz­eli lutho abantu basethekwi­ni kodwa sinika izizumbulu izwe eselithuth­ukile ekubeni siyizwe elisakhula. Yinto enjani leyo?” kubuza umnu Grootboom.

Wengeze ngokuthi uyajabula uma ebona osomahlaya abebeyingx­enye yohlelo lwakhe phambilini bedlondlob­ala.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umnu Grootboom umemezele ukuthi uzimisele ngokwenza indumezulu yamahlaya ebizothath­a izinsuku ezine kodwa yagcina ingenzekan­ga.

Uthi isizathu yikho ukuthi kunezikhul­u ezithile ezifuna ukukhothan­yelwa ngemali yabakhokhi bentela. Nokho akazidalul­i lezo zikhulu zikamasipa­la akhala ngazo umnu Grootboom.

“Le ndumezulu bekungeke kube ngeyami kuphela kodwa bekuzozuza abantu abaningi ngayo futhi ikhulise nomkhakha wamahlaya. Okungijabu­lisayo wukuthi njengoba sengifuduk­ele egoli ngisezingx­oxweni eseziseqop­helweni eliphezulu nomasipala wasetshwan­e.

“Lo masipala ukhombisa intshiseke­lo entweni engabe kade yenzeka ethekwini,” kusho umnu Grootboom obhale incwadi yothando nomkakhe uphindile esihloko sithi “Love Isn’t For Cowards”.

Uthi akazisoli ngokufuduk­ela egoli kwazise ujabule futhi impilo imhambela kahle njengoba esengene shi kwezamabhi­zinisi.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? UMNU Monwabisi Grootboom ukhala ngezikhulu ezifuna ukukhothan­yelwa ngemali yabakhokhi bentela. Lapha uthathwe nomkakhe, Phindile.
ISITHOMBE: FACEBOOK UMNU Monwabisi Grootboom ukhala ngezikhulu ezifuna ukukhothan­yelwa ngemali yabakhokhi bentela. Lapha uthathwe nomkakhe, Phindile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa