Ilanga Lempelasonto

IYAQHUBEKA IFILIMU ENGOBRENDA: BONGANI FASSIE

- NTOMBI KHUMALO

UBONGANI Fassie oyindodana yesihlaban­i somculo esingasekh­o ubrenda, ushaya phansi ngonyawo uthi akukho muntu ozovimba ukuqoshwa kwefilimu kanina.

Lokhu kulandela ukusabisa kukasello Chico Twala ngokuthi uzofaka amaphepha enkantolo avimba inkampani yaphesheya kwezilwand­le esanda kuveza ukuthi imatasa ngokwenza ifilimu yokuqala ezoveza impilo kabrenda.

Utwala usebenze isikhathi eside nobrenda njengemene­nja no- wakhe.

Le nkakha nayo engumculi ohlonishwa­yo ezweni yanconywa kakhulu ngokuvusa ubrenda ngesikhath­i esecwilile, benza ama-albhamu ayenezingo­ma ezashisa izikhotha ezifana novulindle­la, Nomakanjan­i, Impundulu, My Baby nezinye.

Ngemuva kokuthi inkampani yase-united Kingdom (UK) ishowbizbe­e Film Production­s imemezele ukuthi ithungatha umuntu ozodlala indawo ephambili kule filimu kabrenda, utwala udinwe wagana unwabu, wasabisa ngokuyifak­a enkantolo, wathi ayinalo ilungelo lokwenza ifilimu ngobrenda.

Ubezeseka ngokuthi akukho muntu onelungelo lokuthinta umsebenzi omningi wezingoma zikabrenda ngoba usazipheth­e (Copyrights ownership).

Uthe futhi okumdinayo ukuthi le nkampani yaphesheya ayizange izihluphe ngokumthin­ta kwazise ayimazi kahle ubrenda kepha yena umazi ukusuka nokuhlala kwazise ngaphambi kokushona kwakhe, wayehleli eduze kwakhe.

Kodwa ubongani, ozosebenzi­sana nale nkampani yaphesheya njenge-executive producer, ubhodle umlilo, wazikhahle­la ngazo zombili izinsongo zikatwala.

“Iyangidina indaba kachico. Akangiphet­he mina futhi akasipheth­e siwumndeni wakwafassi­e. Wagcina ukuphatha umama esaphila. Thina sizoqhubek­a nokwenza ifilimu kabrenda, akekho umuntu ozosivimba,” kusho ubongani. Ebuzwa ngokuqhube­kayo kulolu daba uchico uvumile ukuthi daba lwale filimi selukubame­li futhi bahlose ukuba lugcine lungene enkantolo.

“Ubongani akanalo ilungelo lokusebenz­isana nale nkampani yaphesheya ngaphandle kwemvume yethu. Sinesivume­lwano esibhalwe phansi esasenza naye eminyakeni eyi-8, emva kokudlula kukabrenda emhlabeni. Ngeke akwazi ukuphula leso sivumelwan­o. Yikho sesithi udaba asilufake enkantolo ngoba lokhu asekwenza akusahambi­sani nesivumelw­ano esasenza,” kusho uchico.

Uthe ulindele impendulo yokuthi kuyiwa nini enkantolo angahle ayithole ngomsombul­uko kubameli bakhe.

Uvaughn Eaton, okhulumela ubongani Fassie, uthi abaqondisi­si kahle ukuthi impi katwala imayelana nani ngoba isivumelwa­no ubongani ayesenze nenkampani yakhe (utwala) sanqanyulw­a (terminated) ngonyaka ophelile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa