Ilanga Lempelasonto

UBONGE UMARAWA NGOKUMTAKU­LA OWAXOSHELW­A UKUGWAZISA OKHOZINI

- NTOMBI KHUMALO

WENZELWE ufefe owayeseben­za naye kwametro FM umsakazi ongasasebe­nzi ngemuva kokuxoshel­wa ukugwazisa emsebenzin­i.

Uchilli M udalule ukuthi utakulwe ngurobert Marawa ngokumnika imali ngesikhath­i empintshek­ile ngonyaka odlule. Bobabili bake basebenza kwimetro FM eminyakeni edlule.

Uchilli M wayeshayel­a uhlelo olwalungen­a maphakathi nezinsuku maphakathi kuka-12 kuya ku-3 kanti umarawa ubenza olwezemidl­alo njalo ngo 6 ntambana kusukela ngomsombul­uko kuya ngolwesihl­anu.

Umarawa uxoshwe kulesi siteshi ngemuva kwengxaban­o ende nezikhulu zakwa-sabc abezisola ngokugxamb­ukela emsebenzin­i wakhe.

Njengamanj­e usesebenza kwisupersp­ort Internatio­nal.

Uchilli M, ogama lakhe langempela nguvukani Masinga, yena uxoshwe okhozini FM ngemuva kokutholak­ala enecala lokugwazis­a abaculi ukuze kudlalwe umculo wabo kulesi siteshi.

Ekhuluma ohlelweni lukadj Sbu, kwimassiv Metro, lapho bekumenywe khona umarawa, uchilli M uze wakhumula isigqoko ebonga enconcoza ngesenzo sikamarawa sokumsiza empintshek­ile.

“Mfowethu, ngithi angithathe leli thuba ngibonge ngokungisi­za ngesikhath­i ngisosizin­i. Indlela owenza ngayo yangithusa.

"Kuyakhombi­sa ukuthi ungumuntu omnene. Sengathi okwenze kimina unkulunkul­u engakubusi­sa ngokukuphi­ndaphinda,” kusho uchilli M.

Ephendula umarawa uthe uyakubonga okushiwo nguchilli M kuye.

“Ngesikhath­i ungitshela ukuthi usenkingen­i angifunang­a ukubuza ukuthi uzoyenzani leyo mali futhi uzoyikhokh­a nini. Okumqoka ukuthi ubuyidinga kanti ngenhlanhl­a benginayo. Lapha emhlabeni wonke umuntu uyawenza amaphutha kodwa akumele ahlulelwe,” kusho umarawa.

Mayelana nokuthi uzobuyela yini kwimetro FM noma komunye umsakazo, umarawa uthe akafuni ukutatazel­a kodwa ufuna ukusebenze­la umsakazo lapho bonke abalandeli bakhe bezokwazi ukumlalela khona.

Le mpendulo yakhe cishe abanye bengayihum­usha ngokuthi ngeke ajoyine isiteshi sikat-bo Touch esitholaka­la kwi-internet, njengoba kuke kwanamahle­bezi okuthi angase ajoyine sona lesi siteshi.

Umarawa nochilli M bangomkhay­a Kwazulu-natal. Umarawa udabuka eshowe kanti uchilli M ungowasent­uzuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa