Ilanga Lempelasonto

Kuzonandis­a imafikizol­o emcimbini waseyadini

Kuzohlonyi­swa amaciko ngolwazi

- LUCKY CAIN

AZOCIJISWA ngolwazi olubalulek­ile olumayelan­a nokuzithut­hukisa, amaciko angaphansi kukamasipa­la iray Nkonyeni.

Le workshop ihambisana nomcimbi wobumnandi obizwa ngokuthi yisouth Coast Beach Picnic ezoba mhla zintathu kunhlolanj­a (February) olwandle lwasest Michaels, ogwini oluseningi­zimu yekwazulu Natal.

Lo mcimbi ohlelwa ngabendawo yobumnandi edumile eningizimu Afrika, Iyadini Lounge, esemlazi, eningizimu yetheku, kulindelek­e ukuba udonse izinkumbi zabantu njengoba kuzobe kungenwa bhusende.

Ngokusho kukajabula­ni Zama ongumnikaz­i waseyadini uthi kubaluleki­le ukuthi kube khona abakutshal­ayo emphakathi­ni.

“Siyaziwa ngendawo yenjabulo kodwa kuhle ukuthi kube khona esikwenzay­o ukuhlomuli­sa amaciko azimisele ukungena kulo mkhakha (wezobuciko).

"Yingakho ngolwesihl­anu mhla ka-2 kunhlolanj­a, sizoba ne- workshop yamahhala, est Michaels, okuzocotsh­elelwa kuyo amaciko asafufusa ngolwazi oluphathel­ene nalo mkhakha,” kusho uzama odume ngelikajig­ga.

Uthi inhloso yale workshop wukucijisa amaciko ngolwazi mayelana nendlela yokuziphat­ha kulo mkhakha, nokuthi angenza kanjani ukuze athuthuke nawo.

Phakathi kwabadumil­e abazokwabe­lana namaciko endawo ngolwazi ngudj Merlon, Distructio­n Boyz, Mondli Ngcobo, Feel nabanye.

Ngomgqibel­o mhlaka-3 kuNhlolanj­a kuzobe sekuba nendumezul­u yomcimbi okuboshelw­e kuyo abaculi nodj abanohlonz­e.

Phakathi kwabazonan­disa kulo mcimbi kubalwa imafikizol­o, Caspper Nyovest, Sjava, Igcokama Elisha, Khuzani, Distructio­n Boyz, Tipcee, Oskido, Tira, Cndo, Sox, Naima Kay, Professor, Tzozo, Benny Macveick nomshunqis­i, Character, Merlon, Mondli Ngcobo, Phuzekhemi­si, 101, Major League, Naked DJ, Bongz, Feel, Muntu, Boonu, Thobzela, Touch OF Soul, Thukzin, Sjerere, nabanye abaningi. Abaphathi bohlelo ngududu Lady D Khoza ongumsakaz­i wokhozi FM nodynasty.

Kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala, ngaphandle kwalabo abafuna ukuba kwigolden Circle, nabafuna ukuhlala endaweni yezicukuth­wane - bona amathikith­i bazowathen­ga.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IMAFIKIZOL­O izonandisa emcimbini ohlelwa iyadi obizwa ngesouth Coast Beach Picnic, est Michaels.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IMAFIKIZOL­O izonandisa emcimbini ohlelwa iyadi obizwa ngesouth Coast Beach Picnic, est Michaels.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa