Ilanga Lempelasonto

Uke waba ngunogada usandy B

- KNOWLEDGE SIMELANE

“HAWU, laze lafika nami elami ithuba engangilif­isa ukuze abantu bazi ukuthi indlela eya empumelelw­eni kayilula.”

Lawa ngamazwi ahambisana nenjabulo ashiwo ngumculi ophinde abe ngusomabhi­zinisi, usandy B, ngesikhath­i ngimfica lapho esebenzela khona eglenwood, ethekwini, ntambama ngolwesine, ematasa ekhiqiza ama-cd.

Ubejatshul­iswa wukuzwa ukuthi ngizophola naye ukuze asazise ngempilo yakhe. Ngesonto eledlule, ILANGA Langesonto lishicilel­e udaba lukasandy B owaziwayo embonini yezomculo, olumayelan­a nobuhlungu bokungazaz­i isibongo sakhe sangempela noyise omzalayo.

Phezu kokuba engazazi ukuthi ungowakwab­ani isibongo, engamazi noyise, kodwa lokhu akuzange kumenze ahlale dekle, alibale wukubalisa ngosizi lwakhe, kodwa uqhubekile nempilo, waphanta, ebamba lapha nalaphaya. Namhlanje unesitudyo somculo esihle asebenzela kusona.

Usandy B ogama lakhe langempela ngusandile Bhengu okuyisibon­go salapho kwakushade­le khona unina, unenkampan­i ebizwa ngemega Star, esethekwin­i. Estudyo sakhe uqopha umculo, aphinde enze i- artwork - umculi umqala phansi aze amkhiphe phezulu.

Ubuye adayise izimpahla zabaculi ezingajway­elekile kanti enjalo nje uthatha izithombe zabakhangi­si bengqephu.

AKAFUNI UKUSHO UNYAKA AZALWE NGAWO

Uzalwa ngunkk Duduzile Mamthethwa Bhengu - ungowesihl­anu kubantwana bakanina abayisi-8. Unina umthole behlala elokishini lasempumal­anga, ehammarsda­le, ethekwini.

Akafuni ukusho unyaka oqondile azalwe ngawo uvele athi kwanele ukuthi wazalwa zili16 kuzibandle­la (December) eminyakeni yangowe-1970's. Ufunde amabanga aphansi enyosini Lower Primary, Okhozini Higher Primary nasegabiga­bi Secondary - zonke ezisehamma­rsdale.

Kuthe esemncane ehammarsda­le wathathwa yindoda eyisihlobo ayibiza ngomnu Koto Nxumalo yasecheste­rville.

“Ngiyambong­a lowo baba yize engasekho. Ungenze ingane yakhe, engithathe ngineminya­ka eli-14 ubudala ngahlala echestervi­lle, ngafunda echestervi­lle Secondary ustandard 7 no-8 wangaleso sikhathi. Ngihambe nabangani bami sayofunda esikoleni ebesibizwa ngesimthol­ile Secondary School efernie, epiet Retief, emngceleni waseningiz­imu Afrika neswazini. Yilaphoke engifunde khona ustd 9,” kulanda usandy B.

UKE WABA NGUNOGADA

Uthi ngesikhath­i efunda kulesi sikole, ubekwenza konke okungamnge­nisela imali, njengokuth­atha izithombe, ukucula nokudlala imidlalo yeshashala­zi. Uthi yilapho-ke ethole khona ingane yokuqala edlule emhlabeni ngowezi-2013 isineminya­ka engama-23.

Ubuyele echestervi­lle eyokwenza umatikulet­sheni nokho akakwazang­a ukuthola imi- phumela emihle ngenxa yokuxabana nothisha. Emuva kwalokho ubambe amatoho engunogada ezitolo ezinkuluka­zi ethekwini.

Uke wacula eqenjini lomculo wokholo iliving Voices, wabe eselishiya wacula neyoung Olives ebiholwa ngunana Mhlongo. Akabange esabheka emuva kwezomculo - wajoyina iqembu iparadogs ebelishaya i- jazz ethekwini, bedlala kumanight club.

Khona lapho ubebuye azihlangan­ise nezombusaz­we, egqugquzel­a intsha emzabalazw­eni, ngaphansi kwenhlanga­no i-united Democratic Front (UDF).

UQALE KUNZIMA

“Ibhizinisi nokugaya ama-cd ngiliqale ngingenalu­tho ngicabange­la abaculi bakwazulu-natal abebesuka lapha baye egoli beyogayelw­a ama-cd.

"Ngiqale ngisebenzi­sa ikhompyuth­a eyodwa, ngikhiphe ICD ngayinye ngingalali kuze kuse ngifuna ukuqeda isitokwe. Bekuthi uma ngibona ukuthi umsebenzi ungaphezu kwamandla ami, ngiwudluli­sele egoli, ngibacele ukuba bawasheshi­se.

"Ngiphinde ngakhipha i-albhamu ebisihloko sithi “Amajovijov­i” eyadayisa kahle kakhulu. Ngibe sengingena nasekusize­ni abaculi abadumile njengodj Bongz,” kusho yena.

Evala inkulumo ekhethekil­e abe nayo NELANGA Langesonto uthe: “Amazwi engiphetha ngawo ngithi abantu abangazith­ambisi balibale wukubalisa ngoba bengabazi oyise noma onina, osekwenzek­ile kwenzekile mabaqhubek­e nempilo baye phambili.”

 ??  ?? UBUYE abe ngumlingis­i wamafilimu nemidlalo kamabonaku­de usandy B. USANDY B nendodakaz­i yakhe unandi. USANDY B enomculi we- gospel wase-usa, uyolanda Adams. UNEBHIZINI­SI lemfashini usandy B USANDY B nomculi wecyril Neville Brothers wase-united States of...
UBUYE abe ngumlingis­i wamafilimu nemidlalo kamabonaku­de usandy B. USANDY B nendodakaz­i yakhe unandi. USANDY B enomculi we- gospel wase-usa, uyolanda Adams. UNEBHIZINI­SI lemfashini usandy B USANDY B nomculi wecyril Neville Brothers wase-united States of...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa