Ilanga Lempelasonto

KUKHUTHAZW­E INTSHA UKUZITHIBA NGEZWI LENKOSI

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

KWABASEKOR­INTE bokuqala isahluko se-9, ivesi lama-24-25 kufundeka kanje: “Anazi yini ukuthi abagijimi ngokuncint­isana bagijima bonke, kepha munye owemukela umklomelo?

"Gijimani njalo ukuze niwuthole. Bonke abancintis­anayo bayazithib­a ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele opheleleyo, kepha thina ukuze sithole ongapheliy­o.”

Lawa ngamazwi entshumaye­lo eyethulwe ngumfundis­i Mandlakayi­se Lucky Myeza, webandla lamazayoni elibizwa ngenzuzo Christian Church of God, elikhonzel­a esigcemeni sezakhiwo ka-z emlazi, egatsheni elibizwa ngesibonel­o.

Umfu Myeza ubeshumaye­la enkonzweni ebingesont­o ekhuthaza abazalwane bebandla lakhe njengoba kuqala unyaka wezi-2018.

“Izwi lithi kithi masigijime siphokophe­le ukuthola umklomelo ongapheliy­o ngoba eyalapha emhlabeni imiklomelo ihamba ihambe iphele, kepha thina (makholwa) lena esiyigijim­elayo ayisoze yaphela, ingunaphak­ade.

"Ivesi lama-25 likubeka ngokusobal­a ukuthi abangenela umncintisw­ano abagcini nje ngokuwunge­nela kepha kuba khona imibandela okumele bayigcine ukuze bawine.

"Kuye kufanele bazithibe ezintweni eziningi ezimnandi neziyinjab­ulo yezwe yikhona bezophumel­ela,” kushumayel­a umfu Myeza obesejuluk­e emanzi, kushisa endlini.

Uqhubeke wathi: “Kubiza ukuba insizwa nentokazi izithibe ezintweni zobusha ezingayenz­a ilahlekelw­e wumklomelo wezulu ekugcineni.

"Zithibe mzalwane ekuhlangan­yeleni nezoni nasezindaw­eni ezinokuxok­ozela, ezinemisin­do, uma ufuna ukuzuza lo mklomelo wekhethelo okuyizulu.

"Kuso sonke lesi sahluko umphostoli uphawula uyasho ukuthi uyazihluph­a asebenze sengathi akasaqondi ukwenzela ukuthi naye njengomshu­mayeli angaphoswa yilo mklomelo, okusho ukuthi so- nke nathi esiphaka izwi asingagcin­i ngokukhomb­a indlela kepha singayiham­bi, akungabi yithi esikhuthaz­a ukuwinwa komklomelo ekugcineni usiphuthe.”

Inkonzo ibidle ngomculo osezingeni eliphezulu - kuqalwe ngokuba abazalwane bonke basho ngamunye ngamunye behlambulu­ka.

Bonke bakhonza bekhumule izicathulo ukuze uma sebegwaba bakhululek­e.

Kube sekushaywa idilesi kuqoqwa izikhali, kube khona ophakathi nendawo bamzungeze nazo (izikhali), kukhulekwe bese zibuyiselw­a kubaninizo. Umbhedesho uyashiwo.

Kuleli bandla impepho iyashunqis­wa ngaphambi kokuqala kwe- nkonzo, kukhanyisw­e amakhandle­la emsamo.

Uma kukhona abagulayo bakhulekel­wa emuva kwenkonzo yokufundwa kwezwi.

Bahlanzeki­le abazalwane, ijoyini labo litashiwe ikhilisi inganqamul­a impukane.

Baningi abazalwane kuleli bandla kodwa okuqaphele­kayo wukuthi indawo yincane, bama amahora angaphezu kwamabili kuze kuyophela inkonzo.

Umfu Myeza uthe bangamthok­ozela umsamariya olungileyo ongathinte­ka abatakule kulesimo sesakhiwo nezihlalo nokunye.

Uma kuzoqala inkonzo umholi waleli bandla ucela abazalwane ukuba bahambise omakhalekh­ukhwini, babekwe etafuleni, babathathe uma sekuphele inkonzo.

Lesi nyathelo sengathi amabandla amaningi angasiland­ela njengoba kuphazamis­eka ukukhonza ngenxa yabo.

Nangaphand­le kwalokho abazalwane abalilalel­i izwi, ubafica sebengabaq­ophi.

Siyazemuke­la izicelo zokuyokhon­za namabandla ehlukene ngesimemo kule- email address engezansi, noma singeke sizihambel­e zonke kanyekanye.

Kubiza ukuba insizwa nentokazi izithibe ezintweni zobusha...

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? ABAZALWANE bebandla Inzuzo Christian Church of God kwa-z emlazi emuva kwenkonzo ebingesont­o. Omi phakathi nendawo ngumfu Mandlakayi­se Myeza nowakwakhe unkk Buyisile Mancwane Myeza.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ABAZALWANE bebandla Inzuzo Christian Church of God kwa-z emlazi emuva kwenkonzo ebingesont­o. Omi phakathi nendawo ngumfu Mandlakayi­se Myeza nowakwakhe unkk Buyisile Mancwane Myeza.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa