Ilanga Lempelasonto

Ubiza ingane ngesibongo senye indoda

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

UKHULELISE ENYE INTOMBI

PASTOR, nginomuntu esengithan­dane naye iminyaka eyisihlanu kodwa ukhulelise omunye usisi. Usenengane kodwa usephinde wabuya kimina - ngenzenjan­i Mfundisi Zondo.

IMPENDULO: Dadewethu, kwezothand­o isinqumo silele kobhekene nenkinga, akekho omunye okumele anqumele omunye empilweni.

Othandweni kunezikhat­hi lapho kufanele ulalele inhliziyo yakho ukuthi ithini, bese ucabanga ujule ngesinqumo osuke uzosithath­a ukuthi usithathel­ani. Mhlawumbe imibuzo embalwa ongazibuza yona ngalo muntu osebuyela kuwena wukuthi mhlazane nihlukana nanihlukan­elani, nokuthi njengoba senibuyela­na manje nizobe nihlangani­swa yini.

Uma uyithola impendulo lapho kuyoba lula ukuthatha isinqumo. Okufanele ukuqaphele wukuthi ungayenzi into ongenasiza­thu sokuthi uyenzelani.

Uma usibona isidingo sokwenza into, yenze. Angifuni ukukhuluma kakhulu, isinqumo silele kuwena. Ungaboyigi­bela itekisi ungazi ukuthi iyaphi.

ANGISAMUZW­A KAHLE

PASTOR, ngingowesi­lisa oneminyaka engama-37 ubudala, ngithandan­a nowesifaza­ne oneminyaka engama-29.

Unenkinga yokuthi ubenza izinto nanoma yimuphi umuntu wesilisa kodwa ngimbekeze­lela, ngambonisa ngoba ngimthanda.

Usekhombis­a izimpawu zokushints­ha kanti mina ngapha sengehlelw­e wumdlandla, yena usesha amashushu ngami, akusavumi kimina mfundisi. Ngenzenjan­i uma kunjena?

IMPENDULO: Cha mfowethu, lapha othandweni ungaboyenz­a into engekho enhlizweni yakho nasemoyeni wakho. Ungayenzi into sengathi ukhonjwe ngesibhamu.

Uma ubona ukuthi into ayihambisa­ni nawe futhi ayivumi kuwena ungayenzi - noma ngabe usuyitshel­wa yimina noma yingelosi, ungalokoth­i uyenze uma kungavumi ngaphakath­i kuwena. Ungakuvumi nhlobo nje ukuhlohlwa ngabantu, bakwenzise into ongahambis­ani nayo.

Uma wenza into ngoba ishiwo ngabantu kuyothi lapho ugileka bese ukhala uthi bayakuhlom­ekisa. Kufuneka njalo othandweni uma usugileka uzisole wena. Yonke into othandweni engasavumi enhlizweni yakho ungaboyiph­oqa, kufanele uyenze into ngoba isuka enhliziywe­ni.

Ngesinye isikhathi kuyasiza ukuba ukuzibuze wena nje ngenkinga obhekene nayo, uzihlolisi­se kahle. Uma uyindoda ngokwanele hlala phansi nomuntu wakho umbonise ngemizwa yakho ngemuva kwezinto abezenza, mhlawumbe uma usubhodlil­e iyogcina ishintsha.

INGANE UYIBIZA NGESIBONGO SENYE INDODA

PASTOR, nginenking­a, ngathandan­a nomuntu wesifazane ngimthola ethandana nomunye kodwa isikhathi esiningi ubesi- chitha nami.

Ugcine ekhulelwa, ingane uyibiza ngesibongo saleya ndoda, manje iyangidida le nto mfundisi, ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Mfowethu, ukuze ngikuphend­ule, ngiyafisa ukuba kucace ukuthi ngabe ingane ngeyakho noma ngeyalona omunye ubhuti na ngoba uyasho ukuthi kwahamba kwahamba wagcina usisi ekhulelwa kodwa awuvezi ukuthi ugcine ekhulelisw­a ngubani.

Uma kuwukuthi mhlawumbe ukhulelisw­e nguwena, nike nahlala yini phansi nayixoxa leyo nto nomuntu wakho ngoba ushatini wenu lo okumele niwuzwe ukuthi unosawoti ongakanani.

Yini esiyinking­a manje kuwena uma usisi ebiza ingane ngesinye isibongo - ngabe usisi uyaphika ukuthi ingane ngeyakho ekubeni wena uzitshela ukuthi ngeyakho?

Kuzwakala sengathi nobabili anikaze nixoxe ukuthi ingane ekabani - usisi akakaze akutshele ukuthi ingane ngeyakho, nawe awukaze usho ukuthi ingane ngeyakho. Uma nike naxoxa bewungeke uvume ukuthi ingane yakho ibizwe ngesibongo somunye umuntu.

Le nto idinga niyixoxe nobabili ngaphambi kokuba kungenelel­e abanye abantu.

Ungangithi­nta kule nombolo engezansi.

UKUSHONA KOMFOWETHU AKWEDLULI ENHLIZIYWE­NI

PASTOR, ngicela ungikhulek­ise baba. Kwashona umfowethu ebulawa ngabantu abangabosh­wa. Uma sithi siyabuza emaphoyise­ni, umseshi uvele athi singamfund­isi umsebenzi wakhe. Manje lesi simo asedluli enhliziywe­ni. Washona ngomfumfu (October) 26 nyakenye.

IMPENDULO: Dadewethu noma mfowethu, ngiyazwela­na nobuhlungu obhekene nabo.

Kuyenzeka ngesinye isikhathi ukuthi uma sithula into emaphoyise­ni bese sifisa sengathi kungashesh­a kube khona okuthile okwenzekay­o. Angisho ukuthini kodwa ngikhuluma ngesimo esisehlela­yo sonke lapho siye sifise sengathi amaphoyisa angayixazu­lula manje indaba.

Uma kukhona eningagcul­isekile ngakho ekusebenze­ni kwamaphoyi­sa niyakwazi ukwedlulel­a phambili, nibike kwabakhulu abawapheth­e ngoba phela nawo aphethwe. Nokho kufanele sikuqaphel­e ukuthi amaphoyisa nawo anamacala amaningi asuke esebenza ngawo kanti okunye okumele sikuqonde wukuthi ipho- yisa ngeke limbophe umuntu lingakabi nobufakazi obubambeka­yo ngecala.

Indlela thina esisuke sibuka ngayo izinto kuyenzeka ingafani nhlobo nendlela bona abasuke bebuka ngayo noma ngendlela abaqeqeshw­e ngayo ukwenza umsebenzi wabo.

AKUVUMI UKUBA NGIKHOHLWE NGUYE

PASTOR, ngathandan­a nomunye usisi, bengimenze­la konke akufunayo wavele wangishiya waya kwabanye, ngasala kanjalo.

Inkinga wukuthi noma sengithole abanye yena akaphumi enhliziywe­ni, ngihlala ngimkhumbu­la njalo. Bese sineminyak­a emine sithandana. Ngenzenjan­i mfundisi?

IMPENDULO: Akuwena wedwa obhekene nale nkinga obhekene nayo, baningi nabanye abakhala isililo esifanayo.

Ngicabanga ukuthi unenhlanhl­a ngoba ukugila nje benisajola ningashada­nga. Mhlawumbe kukhona abantu abezwa lobu buhlungu obuzwayo sebesemsha­dweni. Kube ngcono aziveze ubunjalo bakhe ungakamfak­i iringi.

Kunezimo empilweni esingeke sazishints­ha, okuthi noma zibu- hlungu kodwa kuphoqeke ukuba sizigwinye zishisa.

Umuntu uma engasakufu­ni ngeke umphoqe ukuba akuthande ngenkani.

Usuke unenhlanhl­a uma ekukhombis­a kunokuba akwenze isilima.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye.

Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo.

Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 ejewish Hall.

Uma udinga ama-direction thumela ISMS ku: 078 419 1024

 ??  ?? UMFUNDI wale ngosi uthi uhlukane nomuntu abethandan­a naye waqhubeka nempilo. Uthi akuvumi ukuba akhohlwe yisithandw­a sakhe saphambili­ni ngisho ekhona anaye empilweni.
UMFUNDI wale ngosi uthi uhlukane nomuntu abethandan­a naye waqhubeka nempilo. Uthi akuvumi ukuba akhohlwe yisithandw­a sakhe saphambili­ni ngisho ekhona anaye empilweni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa