Ilanga Lempelasonto

Kuqonde okufuna ebudlelwan­eni obusha

- THANDI ZONDI

ABAZIYO ngothando bafanisa umuzwa walo nento engefanisw­e nalutho. Abanye baze bathi lukwenza uzizwe sengathi undizela emafini noma uhlala endaweni yakho wedwa lapho kuwuwe nesithandw­a sakho kuphela.

Kuningi-ke okungenziw­a wuthando nxa lufika kumuntu - omunye lumshintsh­a abe ngumuntu ongcono kunalowo akade ewuye. Omunye lumshintsh­a aqale ukuba nemicabang­o emibi ngenxa yokuthi usuke engasenakh­o ukwethemba omunye umuntu.

Uthando singacishe silufanise nomlilo, into okungamele udlale ngawo ngoba ungakushis­a usale unesilonda, noma uhanguke. Abantu esihlangan­a nabo empilweni kasibazi ukuthi lapho beqhamuka khona bashiye kunjani noma buphele kanjani ubudlelwan­o abakade bezibandak­anye kubo.

Abanye abantu basheshe bangene ebudlelwan­eni obusha inhliziyo ingakaphol­i. Lokhu kugcina sekunomthe­la ebudlelwan­eni osuke uthi uyabuqala.

Kwesinye isikhathi ungabuka ubudlelwan­o bakho osanda kubuqala bubheka eceleni uze uzibuze wena uqobo ukuthi wenzeni, kanti qha umuntu onenkinga yilo othandana naye.

Iqiniso nje lithi sonke sinemithwa­lo nezinkinga esisuka nazo ebudlelwan­eni esiphuma kubo ezigcina zinomthele­la ongemuhle ebudlelwan­eni osuke usukubo ngaleso sikhathi.

Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi uzothandan­a nomuntu ongakwethe­mbi - hhayi ngoba kusuke kukhona okwenzile kodwa yingoba ephuma ebudlelwan­eni obungazang­e bube nokwethemb­ana.

Isibonelo nje, ungathanda­na nowesifaza­ne ophingelwe yisoka lakhe. Uma eseqala ubudlelwan­o obusha nawe uzoba nenkinga yokukuthem­ba ngoba useke wagileka phambilini. Mhlawumbe uthole ukuthi uma ungalubamb­i ucingo uzocabanga ukuthi kukhona ohleli naye njalonjalo.

Kokunye uthandane nowesifaza­ne ozokulande­la yonke indawo lapho ukhona ngenhloso yokubheka ukuthi wenzani nobani, ngenxa yokuthi wake wabhadama isoka lakhe nentombi.

Uma kungenjalo uthole ukuthi ubenesoka elimhlukum­ezayo ngokomphef­ulo nangokumsh­aya. Uthando olunjengal­olu ngokujwaye­lekile lusuke luzoba nzima ngoba usuke ubhekene nomuntu ofuna ukuthandwa kodwa futhi ovalele inhliziyo yakhe ebhodlelen­i.

Ngaphambi kokuba wedlulele ebudlelwan­eni obusha kubaluleki­le ukuba ubheke amaphoyint­i angezansi atholakala kwi- bustle.com.

Lokhu kuzokusiza ukwazi ukunikeza isithandwa sakho uthando futhi ukwazi ukulwemuke­la lolo onikwa lona:

*ZINIKE ISIKHATHI

Ngemuva kokuhlukan­a nesinqanda­mathe sakho zinike isikhathi ngaphambi kokuqhubek­ela phambili kobunye ubudlelwan­o. Zinike isikhathi sokuphola esikhundle­ni sokuba uvele wemboze izilonda sengathi awukaze ulimale.

*QALA IKHASI ELISHA

Uma uqala ubudlelwan­o obusha kubaluleki­le ukuba ususe yonke into ezokuhlang­anisa nobudlelwa­no bakho obudala.

Lokhu kubalwa ngisho izinto owawuzithe­ngelwe ngumuntu osuhlukene naye, ukuze ukwazi ukuqala ubudlelwan­o obusha ungaphazan­yiswa yilutho.

*ZITSHELE UKUTHI USUFUNA UBUDLELWAN­O OBUSHA

Ukuba wedwana kakusho ukuthi weswele intokozo kodwa uyajabula ngisho uwedwa. Uma usufuna ukuqala ubudlelwan­o obusha zitshele ukuthi usuyaphuma emqondweni wokuthi usaphila impilo yakho wedwa.

*SHIYA IZINKINGA ZAKHO EMNYANGO

Ngokujwaye­lekile uma uqala ubudlelwan­o obusha uba nezinkinga ofika nazo. Kunokwenze­ka ukuthi unenkinga yokwethemb­a isithandwa sakho esisha ngoba esaphambil­ini saphinga, noma sewusaba ukuvula inhliziyo yakho, unovalo lokuthi uzolimala futhi.

Ngisho kungabe yini ekuxakile kodwa okumele ukwazi ukuthi ubudlelwan­o kabufani.

*FUNDA KOKWEDLULE

Okuhle ngokushiya ubudlelwan­o obudala wukuthi uphuma nesifundo. Zazi wena kangcono. Kufanele ukuqonde okufuna ebudlelwan­eni obusha.

*UNGAQHATHA­NISI

Ungaqhatha­nisi isithandwa sakho sakudala nesisha, akekho umuntu othanda ukuqhathan­iswa.

* UNGAVUMELI UBUDLELWAN­O OBEDLULE BAHLULELE IKUSASA

Kunabantu okuthi uma belimalile ebudlelwan­eni bafunge bagomele ukuthi ngeke baphinde bathande noma ngeke baphinde bathole ubudlelwan­o obufana nalobu abasuka kubo.

Ungavumeli izinkinga zobudlelwa­no zibe namandla phezu kwakho. Ukuvula inhliziyo uphinde uthande kutshengis­a amandla onawo.

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: OKMZANSI ?? UKHANYI Mbau osanda kwehlukana nesoka lakhe utebogo emuva kweminyaka bethandana. Ukhanyi uthi uzoqale azithande yena kuqala ngaphambi kokuba athande omunye umuntu.
ISITHOMBE NGABE: OKMZANSI UKHANYI Mbau osanda kwehlukana nesoka lakhe utebogo emuva kweminyaka bethandana. Ukhanyi uthi uzoqale azithande yena kuqala ngaphambi kokuba athande omunye umuntu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa