ZITHOLELE UMAQONDANA
NGIYINSIZWA, ngicela ukuxhunyaniswa nentokazi ezimisele ngothando lweqiniso nokugana, yakhe umuzi. Kube yintokazi ekwaziyo ukunikeza indoda uthando, impatho, inhlonipho, futhi ekwaziyo ukwethembeka endodeni.
Makube yintokaze enhle, esebenzayo, ehlala ethekwini namaphethelo noma Kwazulu-natal. Ngifuna engaphuzi, engabhemi, eneminyaka esukela kwengama-21 kuya kwengama-35 ubudala. Mina ngokuhlala ngisethekwini, ngitholakala enombolweni ethi
066 211 0223.
NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engama-34 ubudala. Ngidinga ukuxhunyaniswa nowesilisa oneminyaka engama-35 kuya kwengama-45 ubudala.
Ngidinga ohloniphayo, onothando futhi ozithandayo. Ngiyaxolisa kwabadlalayo, abaphuzayo, ababhemayo nabasemajele. Ngitholakala kwethi 071 169 2169. NGINGOWESILISA oneminyaka engama-43 ubudala, ngidinga ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka engama-28 kuya kwengama-50 ubudala.
Makube ngosebenzayo ngoba nami ngiyasebenza. Makakulindele ukuba sesithenjini, ozihloniphayo, azithande, ozongazisa njengendoda yakhe nami ngizomazisa. Ngitholakala kwethi 084 946 6416.
NGINGOWESILISA oneminyaka engama-48 ubudala, ngicela ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka engama-30 kuya kwengama-47 ubudala. Makube ngonothando nenhlonipho, osebenzayo ngoba nami ngiyasebenza.
Ngifuna isidudla esikhanyayo kakhulu ngebala, esimi kahle, esinezinqe nezitho. Nginesizungu emzini wami. Oludingayo lolu thando angangithola ku 079 350 9410. Ngiyaxolisa kwabadlalayo, abaphuzayo, ababhemayo nabasemajele bangazihluphi.
NGIYINSIZWA edinga ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka engama-30 kuya kwengama-68, owashada ngoba nami ngashadelwa. Makube ongenankinga nomuntu omncane.
Makube ngumuntu osebenzayo, abenemoto. Mina ngisawufuna umsebenzi, imoto yafa. Nginengane eyodwa kanti ulungile onengane eyodwa noma ezimbili. Makube ngohloniphayo, ongaphuzi ngoba nami angiphuzi. Ngitholakala kwethi 082 081 8935.
NGIYINSIZWA eneminyaka engama-49 ubudala. Ngicela ukuxhunyaniswa ne- ntokazi enothando, futhi eziphethe kahle.
Ngicela intokazi eyisidudla, enhle, eneminyaka esukela kwengama-30 kuya kwengama-35 ubudala. Ulungile onengane eyodwa. Ngitholakala kwethi 061 319 9157
NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engama-48 ubudala. Anginabantwana, ngicela owesilisa oneminyaka engama-50 kuya kwengama-55 ubudala, ohluphekile njengami, osebenzayo ngoba nami ngiyasebenza. Ulungile OHIV+ kodwa ongaguli, futhi ongaphuzi. Ngitholakala kule nombolo
071 925 7442.
NGIYINSIZWA eneminyaka engama-45 ubudala. Ngicela ukuxhunyaniswa nowesifazane oneminyaka engama-30 kuya kwengama-45 ubudala, ongashadile. Ngifisa sakhe umuzi.
Nginezingane ezimbili, kanti ulungile onengane eyodwa noma ezimbili. Ngicela osebenzayo kodwa mina angisebenzi. Makube ngomuntu okwazi ukuphatha kahle indoda, ohlala Kwazulu-natal. Ngiyaxolisa kwabaphuzayo nabasejele. Ngitholakala kwethi
084 542 9754. NGINGOWESIMAME oneminyaka engama-48 ubudala. Ngicela ukuxhunyaniswa nobaba oneminyaka ephakathi kwengama-47 kuya kwengama-65 ubudala.
Abasemajele nabadlalayo angibadingi. Ngitholakala kwethi 083 720 6701.
NGINGOWESILISA oneminyaka engama-55 ubudala. Ngidinga ukuxhunyaniswa nowesilisa oneminyaka ephakathi kwengama-49 kuya kwengama-54 ubudala.
Makube ngubaba ohlala eduze netheku noma emgungundlovu. Ngingajabula ukuthola ubaba okhonzayo, othembekile. Mina nginomama wakwami, ngalimala engozini yemoto, ngifuna ubaba ozongisiza emzini wami. Ngitholakala enombolweni ethi: 084 650 1276