Ilanga Lempelasonto

Mababonge abaculi

- SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE

UMA umculi ekuthokoze­la ukuba nabalandel­i naye akabalande­le abathokozi­se ebuhleni nasebubini. Sibhekise kubaculi abathokoze­la okuza ngakubona kuphela, abangaying­eni eyokunikel­ela umphakathi obaxhasa ngokutheng­a umculo wabo. Ukukhombis­a ukuthi umculi uyakuthoko­zela ukuba nabalandel­i, makubonaka­le ngezenzo ezinhle.

Namuhla ngithanda ukukhuthaz­a abaculi ukuba bahambele abalandeli babo abasezibhe­dlela, emajele, njalo njalo. Sifisa ukubabona bephangela­na ngokuya ezibhedlel­a bayoduduza bajabulise abalandeli abasezinhl­ungwini.

Ongakaze agule alale esibhedlel­a ngeke ayizwe le nto esikhuluma ngayo. Oseke walala khona uzovuma ukuthi osuke egula uthokozela ngisho umuntu osuke ezidlulela uma eke wambingele­la emfisela ukwelulama.

Cabanga-ke sekuthiwa umculi omthandayo ungena ewodini lesibhedle­la ezokufisel­a ukwelulama, uphume uqhubeke nokumxhasa - cabanga nje ukuthi kungaba njani enhliziywe­ni yakho.

Akusiyo imithi yodwa ephilisa umuntu, amazwi enduduzo nje ewodwa ayawenza umehluko empilweni yogulayo. Ngaphandle kwasezibhe­dlela kunezindaw­o zabadala abangabala­ndeli babaculi bethu, okumele nabo bavakashel­we baqiniswe idolo.

Abasemajel­e nabo bayakuding­a ukukhuthaz­wa bashintshe impilo yabo. Emajele akuleli baningi abaculi namaciko okumele axhaswe ngokomphef­umulo. Maningi amakhono angavundul­ulwa ngabaculi ngaphakath­i emajele.

Abanye bangaze babaqophe bakhiphe osaziwayo. Sicela abaculi balusukume­le lolu daba lokuhambel­a abalandeli ezindaweni ezinzima ngoba ikusasa kalaziwa, nabo ngelinye ilanga bangagcina bekuzona lezi zimo esikhuluma ngazo. Okungabenz­a badliwe ngonembeza.

Uma kukhona abakubuyis­ele emiphakath­ini bazoba nonembeza abakhulule­kile, nezwe libachome uphaphe lwegwalagw­ala. Umculi makangalin­di abanye, makenze osekumfike­le enhliziywe­ni yakhe ukuze nabanye bamlandele, kwande abaculi abakwazi ukubonga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa