Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KUNEMIBUZO ozibuza yona mayelana nesimo sakho sezothando. Kunemikhub­a okumele uyiguqule ngempilo yakho, uzibuze imiphumela nesiphetho sayo.

ARIES

UGUQUKO kumele ulwamukele. Kumele ukhumbule ukuthi inkuthalo iletha impumelelo. Uyakudinga kakhulu ukwesekwa ngumaqonda­na ngalesi sikhathi. Uzozifundi­sa wena ukonga manje.

TAURUS (April 20-May 20)

IZINGA lokuzethem­ba kwakho lenyuke ngamandla. Unezibopho ezinqala uma kuziwa ezindabeni zakho zothando. Izinqumo ezisheshay­o zingakupha­zamisa kancane. Kuningi okusilele emuva okuthinta wena ngqo.

GEMINI (May 21-June 21)

KUKHONA abahlale bedinga ukuchushis­wa nguwe ngemibono. Kuningi okumele ukulungise kodwa ukubuyisel­e eceleni ngenxa yesimo esingakuvu­meli. Uma kukhona ithuba eliqhamuka­yo ungananazi, lisebenzis­e ngokushesh­a.

CANCER

NGESINYE isikhathi kawukhohlw­a kalula yilowo okuphathe kabi. Okungaleth­a ingcindezi empilweni yakho akukhona okwenzeka ngaphandle kodwa yilokho okwenzeka emicabangw­eni yakho.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

KUNINGI osukufundi­le ngezimo zobudlelwa­no bakho. Uyazazi ukuthi udingani manje noma ubona inzima indlela okumele ukuthole ngayo.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

NAKISISA kakhulu izifiso zalabo abaseduze kwakho ngoba ubuye ube yisisekelo empilweni yabo. Uzolandela imigudu emisha ezokwenza labo abangakuna­kile baqale ukukubuka ngenye indlela.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UBUYE ukholelwe ekutheni kunabanye abathanda ukusebenzi­sa ubuhlakani bakho befuna ukufeza izinhloso zabo. Uyakwazi ukuyiguqul­a imicabango ukuze ihambisane kakhulu nesimo esizovuna izinhlelo zakho. Ungabambel­eli kakhulu kokunye osekuvele konakele.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

KUNEZINTO eziningi ozicabanga­yo ongafuni ukuzenza. Ongakuding­ida nabathile kungaba nomthelela esimeni sekusasa lakho. Umqondo wakho njengamanj­e usebenza ngamandla ngenhloso yokufeza okuningi okuphuthum­ayo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UKUZIMISEL­A kwakho kulokhu okuhlelayo kuzobonaka­la ngemiphume­la. Qinisa izifociya kunoma yini oyenzayo ukuze ekugcineni uzonqoba kalula. Zethembe, wenze izinqumo eziphusile.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

ISITHUNZI sakho sizobuyisw­a yindlela oziphatha ngayo kwabanye. Kulwele ukugcina umaqondana ethokozile futhi eyizwa imfudumalo. Lokhu othanda ukuba kwenzeke kuwe kwenze nawe kwabanye.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

KUDINGEKA ubhekane nezinye izithiyo ngaphambi kokuba uqhubekele phambili. Ubhekene nesikhathi sokuxazulu­la izindaba zasemndeni­ni. Isikhathi onaso sidinga ukuba usichithe ngokuxazul­ula izinkinga.

PISCES (Feb 19-March 20)

OKUNYE obucabanga ukuthi kuzoshesha uzobona sengathi kuhamba ngonyawo lonwabu. Kukhona uguquko obonayo ukuthi luzokwenze­ka esikhathin­i esifushane esizayo.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LO sukasambe wentokazi ngubongiwe Gumede (21) wasempange­ni, ofunda edurban University of Technology (DUT), lapho enza khona izifundo zefinancia­l Accounting Management. Uphinde amodele ngaphansi kwenkampan­i ebizwa ngefino Diamonds Agency. Ukhonze...
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LO sukasambe wentokazi ngubongiwe Gumede (21) wasempange­ni, ofunda edurban University of Technology (DUT), lapho enza khona izifundo zefinancia­l Accounting Management. Uphinde amodele ngaphansi kwenkampan­i ebizwa ngefino Diamonds Agency. Ukhonze...
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa