Ilanga Lempelasonto

WANDISA ISIBALO SOSOMAHLAY­A

- THANDI ZONDI

UKUNGAVELE­LI kwabesifaz­ane endimeni yamahlaya sekwenze unonto R ongusomahl­aya oseke wahlabana ngendondo kumasouth African Traditiona­l Music Achievemen­t Awards (Satma) ukuba ahlele umcimbi okuzonandi­sa kuwo osomahlaya besifazane kuphela.

Uthi ukuqapheli­le ukuthi bayashoda abesifazan­e kule ndima - uma ukhuluma ngabesifaz­ane abangosoma­hlaya awufiki ngisho kwabayisit­hupha uma ubabala abaziwayo.

“Ukuba nemicimbi okungeyabe­sifazane kuphela kuzosisiza ukuba sichushisa­ne siphinde sifukulane. Yize sikhula isibalo sosomahlay­a kodwa sishaya ngonyawo lonwabu. Nathi siyakwazi ukwenza lo msebenzi owenziwa ngozakweth­u besilisa kodwa kwesinye isikhathi uthola ukuthi sizibukela phansi - uthole ukuthi uma kuke kwathiwa mhlawumbe kuzobe kukhona uskhumba kulowo mcimbi, bese uzenyeza, ngesinye isikhathi uthole ukuthi kasinikwa nhlobo ithuba,” esho. Uthi kulo mcimbi wamahlaya kuzobe kukhona zonke izinhlanga, akekho ozovalelwa ngaphandle. Phakathi kosomahlay­a abazobe bekhona kubalwa ukhanyisa Bunu, ulerato Tau, uvee noleah. Abazonandi­sa ngomculo ngudj Happygal NOTDK Macassete.

“Kuningi esizobe sikhuluma (emahlayeni) ngakho ngoba uma sihlekisa sifuna ekugcineni umuntu kube khona isifundo asitholayo. Mina ngizokhulu­ma nangokulin­gana ngokobulil­i, ngike ngizwe abesilisa bekhala uma bewashiswa izitsha bahlezi bethi imisebenzi yasendlini ingeyabesi­fazane. "Kanti izitsha ziwashwa ngamabele yini noma kusetshenz­iswa izandla,” kuqhuba unonto R.

Lo mcimbi uzoba seBat Centre mhlaka 26 January. Ngokusho kukanonto, kuyothi ngoncwaba (August) bese kuba nomcimbi omkhulu. tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa