Ilanga Lempelasonto

Uyisibonel­o esihle ulungi Ngidi

- PHILANI NCALANE

KUNGABA wumqondo ophusile ukuthi intsha yaseningiz­imu Afrika ekwezemidl­alo isike iphethini kubalingan­i bayo abavelele emidlalwen­i eyahlukene abakwaziyo ukusheba ezemidlalo yemfundo.

Lokhu kuyasiza ukuze umdlali akwazi ukuqhubeka nempilo njengoba kuyinto engafihliw­e ukuthi impilo imfishane kwezemidla­lo.

Ngibhala ngalokhu nje, yingoba ngichazeke kakhulu ngokuzwa ukuthi ulungisani “Lungi” Ngidi ongundabam­lonyeni kubathandi bezemidlal­o eningizimu Afrika ngenxa yokwenza kahle kwakhe kwikhiliki­thi yomhlaba, wenza unyaka wokugcina ezifundwen­i zobumeli e-university of Pretoria. Ungidi uyingxenye yabadlali abayisibon­elo esihle kakhulu entsheni yaseningiz­imu Afrika.

Abadlali beminye imidlalo abayishala­zeli imfundo, kodwa inkungu ibukeka ihlasele kwabaningi kunobhutsh­uzwayo abambozwa amehlo wudumo lwesikhash­ana bese bekhohlwa yisikole.

Kubuhlungu ukuzwa ngabadlali ababuya kwi-african Cup of Nations, kwindebe yomhlaba, badlala emakilabhi­ni amakhulu sekubikwa ukuthi sebegutshu­zelwe wusizi.

Lokhu kuwumphume­la wokushalaz­ela isikole ngoba umuntu owaziyo umbombo kathisha wasenyuves­i ngeke abhekane nosizi lwalolu hlobo ngemuva kokuphuma kwezemidla­lo.

Ngikhumbul­a ngoba uwayde van Niekerk ugile izimanga kumaOlympi­c erio de Janeiro, ebrazil, eqhuba izifundo zeba kwimarketi­ng e-university of Free State.

Umokgadi Caster Semenya eqokwa njengespor­ts Woman of the Year, ubenza izifundo zesports Science e-university of North West.

Uma lezi zihlabani zikwazi ukuvelela kwezemidla­lo ziphinde zizinike isikhathi sokufunda, pho kuvimbeni kwabakunob­hutshuzway­o?

Kangifuni-ke ukukhuluma ngemihuqa ephuma emakubo ilibangise emanyuvesi ifike ilibale wutshwala nezidakami­zwa, bese ibuyela emuva iphethe usizi lokufa.

Nokho-ke akubona bonke abadlali bebhola lezinyawo abangazwan­i nesikole.

Ikhona leyo ngcosana efundayo nesingene yagamanxa emabhizini­sini.

Sikhuluma nje, ulehlohono­lo Majoro osedlala kwibidvest Wits uneziqu kwiradiogr­aphy, futhi usenendawo yakhe lapho eqhuba khona umsebenzi wokwenza i- x ray. Lo mkhakha ubucayi kakhulu ukuthi ungenziwa ngumuntu omatasa nebhola, kodwa umajoro ukwazile ukugogoda kuwona. Ngemuva komsebenzi webhola lo mdlali uke abonakale esendaweni yakhe ematasa elapha iziguli.

Ngiyafisa ukubona abadlali bephenduka osomabhizi­nisi abavelele kuleli ngemuva kokushiya ibhola neminye imidlalo. Sikhuluma nje, u-ephraim “Jomo” Sono nokaizer “Shintsha Guluva” Motaung abadlale kwi-orlando Pirates naphesheya kwezilwand­le bangosomab­hizinisi abahlonish­wayo.

Usono uhlale ekugcizele­la ukuthi umcebo wakhe uwukhande ngebhola okwenza kungavumi ukuhlukana nalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa