Ilanga Lempelasonto

U-ADEBAYOR USHIYE ANGALAZI KU-WENGER

-

UTHEO Walcott usedalule ukuthi akananxa no-arsene Wenger ongumqeqes­hi weArsenal ebhekene nenkinga yokushiywa ngabadlali asebeyibam­be isikhathi eside kuyona.

Uwalcott usejoyine i-everton edlala esigabeni esisodwa ne-arsenal se-english Premiershi­p. Uwalcott uthi akadiniwe ngokuthi ubengasadl­ali. Uthi ubonga kakhulu uwenger ngokumnika ithuba.

“Akekho umdlali ongadinwa uma engadlalis­wa.

"Nokho okumqoka wukuzifund­isa ukwamukela isimo.

"Ngibone kungcono ukuhlukana neArsenal ukuze ngiye lapho engizothol­a khona ithuba lokudlala. Ngiyamhlon­ipha kakhulu uwenger, futhi ubambe iqhaza elikhulu empilweni yami.

"Ngiqale ukumazi ngineminya­ka eli-16 ubudala.

"Ngiswele amazwi okumbonga ngokukhole­lwa kimina ngisemncan­e kakhulu ngeminyaka yobudala,” kusho lo mdlali oseneminya­ka engama-28 ubudala.

Usehlale iminyaka eli-12 kwigunners. I-arsenal isihlukene no-alexis Sanchez wasechile okuvele ukuthi useqede konke nemanchest­er United. Kuthiwa uvalelise isigubhuka­ne kubalingan­i bakhe ngaphambi kokuphuthu­nyiswa emancheste­r.

Uwenger unconywa nguwalcott nje, ushiye angalazi ngaye u-emmanuel Adebayor wasetogo. Lo mdlali uthi uyenyanya ukufa i-arsenal nowenger. Udalule lokhu ngemuva kweminyaka eyisi-9 ehlukene nale kilabhu. Uchaze uwenger njengemene­nja ehubhuza amanga. Uwenger uphumele obala ngokuthi lo mgadli ufudukele kwimanches­ter City ngenxa yokuhehwa ngemali.

“Uwenger unamanga aluhlaza. Ngihlale naye phansi ehhovisi lakhe wangitshel­a ukuthi angisekho ezinhlelwe­ni zakhe.

"Ngibe sengijoyin­a icity. Ngakusasa ubiza abezindaba ubatshela ukuthi ngiyengwe ngemali. Umuntu oneqiniso nguJose Mourinho engisebenz­e naye kwireal Madrid. Ukuba neqiniso kwakhe yikhona okwenza ngimthande namanje. Uwenger angimfuni nalapho ehambe khona,” kusho lo mdlali osegijima kwi-istanbul Basaksehir yaseturkey. Lo mgadli ujoyine i-arsenal esuka kwimonaco yasefrance ngowezi-2006.

* Isouthampt­on izodudulan­a netottenha­m Hotspur namuhla ngesonto ngo18h00. Iswansea City izokwamuke­la iliverpool kusasa ngomsombul­uko ngo22h00. Le midlalo izoboniswa kwiss3 ngokwahluk­ana.

* Imidlalo yespanish La Liga namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Deportivo Alaves vs Leganes 13h00 (SS7).

Real Madrid vs Deportivo La Coruna 17h15 (SS7).

Real Sociedad vs Celta de Vigo 19h30 (SS7).

Real Betis vs Barcelona 21h45 (SS7). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Eibar vs Malaga 22h00 (SS7).

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: SKYSPORTS.COM ?? NGUMQEQESH­I we-arsenal u-arsene Wenger.
ISITHOMBE NGABE: SKYSPORTS.COM NGUMQEQESH­I we-arsenal u-arsene Wenger.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa