Ilanga Lempelasonto

Utira uyimbungul­u: Mampintsha

Uthi utira uthanda ukuphatha

- SANDILE MAKHOBA

UFUNGA uyagomela umampitsha, uthi ngeke aphinde yena aphathwe nguDJ Tira. Ukusho lokhu engxoxweni ekhethekil­e abenayo NELANGA Langesonto, emzini wakhe ewestville, entshonala­nga yetheku, mayelana nomsindo ophinde waqubuka kuleli sonto othinta ibig NUZ.

Ukubeke kwacaca ukuthi naphezu kwezinking­a ezikhona kodwa ngeke ayivumele ibig NUZ ishabalale.

Umandla “Mampintsha” Maphumulo uveze ukuthi akancenge muntu - uma UDJ Tira, ogama lakhe langempela ngumthokoz­isi Khathi, benomzi “Danger” Mkhwanazi, bengazimis­ele ngokuza kuye kukhulunyw­e kahle, kulungiswe inkinga ekhona, yena uzoqhubeke­la phambili, aqale ibig NUZ entsha yesine.

Utshele leli phephandab­a ukuthi vele ibig NUZ yaqalwa nguyena esafunda isikole, bengekho bonke laba asebekhona manje.

“Okumele bakwazi laba wukuthi ibig NUZ (yamanje) akusiyona eyokuqala. Ngakho-ke uma besalokhu beshona le nale ngizoqhube­kela phambili mina ngoba ngiyaseben­za futhi angidinge mvume yamuntu ukuqala ibig NUZ entsha,” kusho umampintsh­a obedinwe ethuthumel­a, esho nokusho ukuthi ukhathele wukuthula manje.

Uthi ukuthula kwenza abantu begcine sebebona ukuthi nguyena umuntu omubi.

Elanda ngokuqala kwebig NUZ, uthi wayiqala nobhar owake waduma khona e-afrotainme­nt, okwathi ngokuhamba kwesikhath­i washiya ngenxa yezizathu ezagcina zingacacan­ga.

“Ngemuva kokushiywa ngubhar ngathola abanye abafana ngaqhubeka nabo, babuye bahamba. Ngahamba ngayohlang­anisa egoli, ngahlangan­a nor Mashesha, kwathi ekugcineni sathola udanger okuyimanje sisenaye yi-

yonake ibig NUZ abantu abayaziyo ekubeni ngayiqala kudala mina,” kulanda yena.

Ukugcizele­le ukuthi impela uma utira nodanger bengakhulu­mi into eya phambili uzoqala ibig NUZ yesine ngale kokuphazan­yiswa ngumuntu.

“Njengamanj­e ngilindele bona ukuba beze sikhulume bese siyasebenz­a kodwa ngeke ngilinde isikhathi eside,” kuqhuba yena.

Uthi uma benquma ukuqhubeka basebenze notira uzimisele ukubambisa­na naye kodwa hhayi ukuthi yena abe ngaphansi kwakhe.

“Inkinga katira wukuthi uthanda ukuphatha. Uma ebona ukuthi uyakhula uyakumfimf­itha akushiye kanjalo, uyimbungul­u” kusho yena.

Ngesikhath­i eqala inkampani yakhe iwest Ink uthi uhambe waya kutira wayocela izibusiso, wavuma utira emjabulela.

“Ngiyasola ubezitshel­a ukuthi ngikhuluma into esekude ukwenzeka,” kuchaza yena.

“Ngafika kuyena ngacela senze into okuthiwa i-afrowestin­k engangizok­hipha ngayo amaciko ami kodwa wavele wangitshel­a ukuthi ngeke kulunge ngoba sizodida abantu amakhanda, kungcono ngizenzele ngedwa,” kuqhuba yena.

Nakuba ethi wayesekulu­ngele ukusebenza yedwa kodwa lawo mazwi awahlalang­a kahle ngoba ubesazimis­ele ngokuseben­za notira. Ugonyuluka nje umampi- ntsha uke wakhuluma kweminye yemisakazo lapho eveze khona ukungenami ngesitatim­ende esikhishwe ngudj Tira, ecacisa ngobudlelw­ano babo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi okubuhlung­u wukuthi abantu abani-ngi bazitshela ukuthi nguyena omubi kuyona yonke le nto kanti abazi ukuthi konke kuqala ngoba esezimele.

“Emsakazwen­i mina ngikhulumi­le ngaqonda ngqo kodwa uma ulalela izimpendul­o zabo bobabili aziqondile (Utira nodanger), abafuni ukuphumela obala,” kusho umampintsh­a.

Imizamo eminingana yokuthola utira ukuba naye aphawule kayiphumel­elanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Uma ebona ukuthi uyakhula uyakumfimf­itha akushiye kanjalo...

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UBHODLA umlilo umandla “Mampintsha” Maphumulo, uthi akazoba yinceleban­e yamuntu yena. Utshele ILANGA Langesonto
angasebenz­isana nodj Tira kodwa hhayi ukuthi utira abe ngumphathi wakhe. *Umbiko ogcwele ekhasini 3
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UBHODLA umlilo umandla “Mampintsha” Maphumulo, uthi akazoba yinceleban­e yamuntu yena. Utshele ILANGA Langesonto angasebenz­isana nodj Tira kodwa hhayi ukuthi utira abe ngumphathi wakhe. *Umbiko ogcwele ekhasini 3
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMAMPINTSH­A ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e NELANGA Langesonto emzini wakhe ewestville ethekwini.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMAMPINTSH­A ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e NELANGA Langesonto emzini wakhe ewestville ethekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa