Ilanga Lempelasonto

UMANGELE EKHONJWA ISANGO YI-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

USHAQISWE yisenzo sikasteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs umdlali wayo okhishwe ngesango engazelele.

Izimpofana zithuse abalandeli bazo zibolekisa ulorenzo Gordinho kwibloemfo­ntein Celtic.

Ichiefs izeseka ngokuthi ifuna ayothola ithuba lokudlala. Ubevele engasasith­oli isikimu kwichiefs njengoba indawo yakhe ithathwe nguteenage Hadebe.

Ukuhanjisw­a kukagordin­ho kakuthusan­ga abalandeli nje kuphela, kushaqise nokemiso Motaung oyindodaka­zi encane kasihlalo wekilabhu, ukaizer Motaung. Ukemiso usebenza kwezokukha­ngiswa kwale kilabhu kanti uzwakalise ukuthuka ngesenzo sikakomphe­la.

Ukemiso uze walibeka ngesihloko elokuthi ugordinho umbona engukapute­ni wakusasa wechiefs ngakho akaqondisi­si ukuthi uhanjiswel­eni.

Ezikhuluny­elwa emakhoneni zithi umotaung ukhulumile nendodakaz­i yakhe, wayitshela ukuba yehlise umoya ngoba vele ukomphela uyahamba uma kuphela isizini, uzophamban­a nogordinho.

Lo mdlali uthi naye simshaqisi­le lesi senzo sikakomphe­la.

“Nakuba ebholeni kufanele uhlale uzilindele izinto ezinjena kodwa bengingaku­lindele lokhu okungehlel­e.

"Ngethuka ngoma ngesikhath­i ngitshelwa ngoba kwenzeke isigubhuka­ne ngingalind­ele. Nokho kufanele ngisamukel­e lesi sinqumo bese ngibhekana nomsebenzi engiwuzele kwiceltic. Okufanele ngikulwele nje wukuthi ngihlale ngisesikim­ini kwiceltic,” kusho ugordinho.

Ichiefs ingene kwacaca emakethe njengoba kuvulwe iwindi, isayinise abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Isayinise usiphelele “Stash” Ntshangase obekwibaro­ka FC, ukabelo Mahlasela obekwicelt­ic noleonardo Castro obekwimame­lodi Sundowns.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NAMANJE kakuqondak­ali ukuthi yiziphi izizathu ezenze usteve Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs wakhetha ukubolekis­a ngesiqongq­wane sale kilabhu, ulorenzo Gordinho, esibolekis­we kwibloemfo­ntein Celtic.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NAMANJE kakuqondak­ali ukuthi yiziphi izizathu ezenze usteve Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs wakhetha ukubolekis­a ngesiqongq­wane sale kilabhu, ulorenzo Gordinho, esibolekis­we kwibloemfo­ntein Celtic.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa