Ilanga Lempelasonto

UMHLAZIYI UBONA AMATHUBA EZOMNOTHO KWEYASE-DAVOS

- BHEKI NDLOVANA Ezomnotho

UMHLAZIYI wezomnotho, usolwazi Bonke Dumisa utshele

ILANGA Langesonto izolo ukuthi into ebaluleke kakhulu emhlanganw­eni waminyaka yonke iworld Economic Forum, wukuxhuman­a kosomabhiz­inisi bamazwe nabatshali zimali abasuke behambele le ngqungquth­ela.

Nakuba kuye kube nezinkulum­o ezethulway­o ngesikhath­i kuqhubeka ingqungqut­hela, kodwa lolu xhumano yilona athi lusemqoka kakhulu.

Yilo lolu xhumano olunikeza osomabhizi­nisi nezikhulu zikahulume­ni ithuba lokudayisa izwe ngenhloso yokunxenxa abatshali zimali.

Owakulo nyaka umhlangano owenzelwe edavos, eswitzerla­nd, uzoqala ngolwesibi­li, zingama-23 kwephezulu uze uphothulwe ngoLwesihl­anu.

Usol Dumisa uthi kulo mhlangano abaholi bamazwe ahlukene, wosozimali nabatshali zimali abaqhamuka emazweni ehlukene bavulelana izifuba ngezinto eziyizingq­inamba ekuthuthuk­isweni komnotho emazweni abo nasemhlabe­ni jikelele, bese bezama ukuqhamuka nezisombul­ulo kulezo zingqinamb­a.

Kuyaziwa ukuthi isimo somnotho emhlabeni jikelele sisantenga­ntenga.

Ukuntengan­tenga kwaso kunomthele­la omubi kakhulukaz­i nakubantu emazinge-ni aphansi ngenxa yokuswelek­a kwemiseben­zi.

Ithimba laseningiz­imu Afrika lizobe liholwa yisekela likamengam­eli wezwe umnu Cyril Ramaphosa, ophinde abe nguMengame­li we-african National Congress (ANC).

Kuleli thimba kukhona ongqongqos­he abehlukene nosomabhiz­inisi okubalwa kubo nomacaphun­a kusale wakuleli, umnu Patrice Motsepe oyinjinga yezimayini.

Okuphambil­i okulindele­kile yikho ukuba leli thimba lenze konke okusemandl­eni ukudoba abatshali zimali.

Umnu Bonang Mohale, oyi-chief Executive Officer ye-business Leadership South Africa uthi ukuya kulo mhlangano kubanikeza ithuba elikahle lokuveza ushintsho olubonakal­ayo ngeningizi­mu Afrika nokuvusele­la ukwethembe­la emnothweni wezwe, kwabasemaz­weni omhlaba.

Abanye abaholi bamazwe abazobe bekhona kule ngqungquth­ela kubalwa umengameli wase-united States of America (USA), umnu Donald Trump, okunguyena ozokwethul­a inkulumo eqavile yosuku.

Abanye abazobe bekhona ngumnu Emmarson Mnangagwa onguMengam­eli wesikhasha­na ezimbabwe, ngumengame­li waserwanda, umnu Paul Kagame, nabanye abaningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa