Ilanga Lempelasonto

LUSEZANDLE­NI ZE-COSATU OLOKWESULW­A KWE-CWUSA

- LUCKY CAIN

SELUSINGET­HWE yicongress of South African Trade Unions (Cosatu) udaba lwenyunyan­a yamaciko icreative Workers Union of South Africa (Cwusa), kulandela ukwesulwa kwayo emnyangwen­i wezisebenz­i.

ILANGA Langesonto libikile ngonyaka owedlule ukuthi icwusa isifana nenyoka efile ngemuva kokwehlule­ka ukulandela imigomo yezinyunya­na ngaphansi komnyango wezisebenz­i. Kuvele ukuthi ayisekho emthethwen­i njengoba selesuliwe igama layo. Obewumenga­meli wale nyunyana ukid Sithole phambilini uveze ukuthi usebheke ubuholi bayo KwazuluNat­al ukuthi kube yibo obuvuselel­a le nyunyana ezweni lonke kwazise yisona sifundazwe le nyunyana esasebenza kuso.

“Uma ubuholi basekzn buzimisele ngokuthi icwusa ingafi kusezandle­ni zabo ngoba bona basakwazi ukukhuluma izwi elizwakala­yo emacikweni.

"Kwezinye izifundazw­e asisenabo ubuholi,” kusho usithole.

Uqhube ngokuthi kunzima ukuba le nyunya ifane nezinye njengoba amaciko esebenza ngezindlel­a ezahlukene futhi engaqashiw­e

enkampanin­i eyodwa lapho kulula ukuqoqa khona imali yenyunyana.

Ujoy Mbewana ongunobhal­a wale nyunyana Kwazulu-natal uthi nabo udaba sebelwedlu­lisele kwicosatu osekuyiyon­a esisingeth­e ukuvuka kwecwusa.

“Akukho engizokush­o njengoba konke sekusezand­leni zecosatu. Thina sesilinde icosatu ukuthi kube yiyo esinikeza umhlahland­lela ngekusasa lecwusa,” kusho ujoy.

Umnu Solly Phetoe ( osesithomb­eni) oyiphini likanobhal­a wecosatu ukuqinisek­isile ukuthi udaba lwecwusa selusinget­hwe yicosatu.

“Nakuba iminingwan­e egcwele ngingenayo kodwa siyalubhek­a ngoba kungakubi ukuba inyunyana engaphansi kwethu iphele sikhona futhi kukhona esingakwen­za,” kusho umnu Phetoe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi usithole uke wakhala ngokuthi iningi lamaciko lazi ukuthi kunenyunya­na uma izinto seziwabhed­ela. “Uma kusekuhle amaciko ahambela kude nenyunyana kanti uma kungasaham­bi kahle bese kuba yilapho ekhumbula khona ukuthi kunenyunya­na ewamele,” kusho usithole kwenye yezingxoxo abenayo naleli phephandab­a phambilini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa