LUSEZANDLENI ZE-COSATU OLOKWESULWA KWE-CWUSA
SELUSINGETHWE yicongress of South African Trade Unions (Cosatu) udaba lwenyunyana yamaciko icreative Workers Union of South Africa (Cwusa), kulandela ukwesulwa kwayo emnyangweni wezisebenzi.
ILANGA Langesonto libikile ngonyaka owedlule ukuthi icwusa isifana nenyoka efile ngemuva kokwehluleka ukulandela imigomo yezinyunyana ngaphansi komnyango wezisebenzi. Kuvele ukuthi ayisekho emthethweni njengoba selesuliwe igama layo. Obewumengameli wale nyunyana ukid Sithole phambilini uveze ukuthi usebheke ubuholi bayo KwazuluNatal ukuthi kube yibo obuvuselela le nyunyana ezweni lonke kwazise yisona sifundazwe le nyunyana esasebenza kuso.
“Uma ubuholi basekzn buzimisele ngokuthi icwusa ingafi kusezandleni zabo ngoba bona basakwazi ukukhuluma izwi elizwakalayo emacikweni.
"Kwezinye izifundazwe asisenabo ubuholi,” kusho usithole.
Uqhube ngokuthi kunzima ukuba le nyunya ifane nezinye njengoba amaciko esebenza ngezindlela ezahlukene futhi engaqashiwe
enkampanini eyodwa lapho kulula ukuqoqa khona imali yenyunyana.
Ujoy Mbewana ongunobhala wale nyunyana Kwazulu-natal uthi nabo udaba sebelwedlulisele kwicosatu osekuyiyona esisingethe ukuvuka kwecwusa.
“Akukho engizokusho njengoba konke sekusezandleni zecosatu. Thina sesilinde icosatu ukuthi kube yiyo esinikeza umhlahlandlela ngekusasa lecwusa,” kusho ujoy.
Umnu Solly Phetoe ( osesithombeni) oyiphini likanobhala wecosatu ukuqinisekisile ukuthi udaba lwecwusa selusingethwe yicosatu.
“Nakuba iminingwane egcwele ngingenayo kodwa siyalubheka ngoba kungakubi ukuba inyunyana engaphansi kwethu iphele sikhona futhi kukhona esingakwenza,” kusho umnu Phetoe.
Kuzokhumbuleka ukuthi usithole uke wakhala ngokuthi iningi lamaciko lazi ukuthi kunenyunyana uma izinto seziwabhedela. “Uma kusekuhle amaciko ahambela kude nenyunyana kanti uma kungasahambi kahle bese kuba yilapho ekhumbula khona ukuthi kunenyunyana ewamele,” kusho usithole kwenye yezingxoxo abenayo naleli phephandaba phambilini.