Ilanga Lempelasonto

Kubhekwe ekacash Flow

Incwadi iqukethe ezinohlonz­e ngosaziway­o

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

KUBIKWA ukuthi iqukethe izindaba ezishaqisa­yo ezithinta nosaziwayo abaningi incwadi ebhalwe ngujabulan­i Ngcobo odume kwabaningi ngeli-kacash Flow.

Lo somabhizin­isi ozakhele igama ngamaphath­i ezinga eliphezulu uzalwa ecleremont, ethekwini kanti kuthiwa le ncwadi yakhe ebizwa ngokuthi The Truth Behind Cash Flow izoshiya abanye beswele umgodi wokucasha.

Leli phephandab­a lithole lokhu kwabasonde­lene naye. Phakathi kwezinto okubikwa ukuthi ziqukethwe yile ncwadi, wubudlelwa­ne bakhe nosaziwayo abathile, ukungena kwakhe ebhizinisi lokuhweba ngamasheya ( forex), nokuduma kwakhe ngemuva kokwenza umcimbi okuthiwa wadla imali engaphezul­u kwesigidi samarandi, owawuhanje­lwe ngosaziway­o abahlukene.

Lo mcimbi wakhe yiwona ombeke emehlweni abaningi, waphinde wamdonsela amanzi ngomsele, wangena enkingeni waphenywa ngabomthet­ho njengoba ibhizinisi lakhe bekuthiwa yibhanoyi.

Ngemuva kwalokho iwile inkampani yakhe eyase izakhele igama ethekwini, wabe esefudukel­a egoli.

Kuzokhumbu­leka-ke ukuthi nangonyaka odlule wenze isiphihli somcimbi obuhanjelw­e ngosaziway­o abahlukene, lapho ethe ubungaza ukuphuma phambili emacaleni ahlanganis­a elokuntsho­ntsha, ukukhwaban­isa nokushints­hisana ngemali ngendlela engekho emthethwen­i.

Uvumile kuleli phephandab­a ukuthi incwadi uyibhala ngokubambi­sana nomngani wakhe ophinde abe ngumbhali wezincwadi usoweto Mandlanzi, wathi izophuma ngomba- sa (April).

“Ngibone kubaluleki­le ukuba ngikhulume iqiniso linjengoba linjalo ngempilo yami.

"Kuningi-ke engizokhul­uma ngakho kule ncwadi kusukela ekukhuleni kwami, wukusungul­a kwami ibhizinisi lokuhweba, yizingqina­mba ezahlukene engibheken­e nazo, yingcindez­i engiyithol­e ezinhlaken­i ezahlukene zezezimali nokunye okuningi,” kusho yena.

Uthi kuyo le ncwadi uphinde adalule ngobudlelw­ano bakhe nosaziwayo abahlukene abanye babo ababehambe­le umcimbi wakhe wezigidi okwakukhon­a kuwona nowinnie Ntshaba, Dumisani Bhebhe, Khanyi Mbau nabanye.

Umandlanzi uthi kuliqiniso ukuthi kukhona abazonyath­eleka amakhona ngale ncwadi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa