Ilanga Lempelasonto

Umatasa neziqu zobumeli ovelele kwi-cricket

- MZWAMANDLA ZONDI

UKHULELE emndenini ozifelayo ngezemidla­lo ulungisani “Lungi” Ngidi osematheni kulezi zinsuku kulandela ukwenza kahle kwakhe kwikhiliki­thi lomhlaba.

Ulungi uzalwa ngujerome Ngidi nobongi Ngidi.

Uyise wayengumga­dli egijima unombolo 11 esakhula kanti wabuya kwinhlolok­hono ye-orlando Pirates ngesikhath­i kusadlala upatson “Sparks” Banda kodwa izinto kazaze zalunga.

Ulungi uzalwa nezinsizwa eziyisihla­nu kanti yena unguthunja­na kubo.

Abafowabo ngunhlanhl­a, usandile, upiwe, usihle nosphe. Uzalelwe est Mary’s Hospital edume ngeroma, emarrianhi­ll, mhla zingama-29 kundasa (March) we-1996.

Uqale imfundo yamabanga aphansi ekloof Pre-primary wadlulela, ekloof Junior Primary lapho kusebenza khona abazali bakhe, bangabasiz­i kulesi sikole.

Uphume ekloof Junior Primary waya ekloof Senior wabe esedlulela ehighbury ngaphambi kokuya ehilton College, emgungundl­ovu, lapho ephothule khona ugrade 12.

Wenza unyaka wokugcina kwiziqu zomthetho e-university of Pretoria.

Imfundo yakhe yonke uyenze ezikoleni zomntakaba­ni ngosizo lomfundaze ngenxa yokuvelela kwezemidla­lo.

Nakuba efunde ezikoleni zasesilung­wini kodwa isizulu usikhuluma phaqa okuyinto ejabulisa abazali bakhe. Esakhula ubenza imidlalo eyahlukene okuhlangan­isa ibhola lezinyawo, ikhilikith­i, ukubhukuda, ezokugijim­a nebhola lombhoxo.

Eminye imidlalo ugcine eyiyekile wagxila kwikhiliki­thi. Ngeledlule ugile izimanga enza ama- wicket ayisi-7 iproteas ihlula i-india. Uqokwe njengomdla­li ovelele.

Ukwenza kahle kwakhe kumenze waba ngundabaml­onyeni kwezemidla­lo emhlabeni. Uqale ukukhombis­a ithalente kulo mdlalo eqokelwa eqenjini lesizwe likaU/19 ngowezi-2013 esafunda ehilton.

Uma engadlali kwiproteas usuke egijima eqenjini lakhe lakuleli, ititans yasegauten­g ayijoyine ngesikhath­i eshiya isunfoil Dolphins yakwazulu-natal. Ingxoxo kangidi NELANGA

Langesonto ngempilo yakhe yaNgaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ungumuntu onjani?

Ngidi: Ngizithobi­le, kangiyikho­nzile impilo ewubukhazi­khazi.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi sakho?

Ngidi: Ngiyazihla­lela nje, ngiphumuze igazi. Umuntu engihlala naye kakhulu njengoba ngikude nasekhaya ngumsovo Baloyi waseLimpop­o esidlala naye kwititans.

ILANGA Langesonto: Unazo izingane? Ngidi: Kangikabi nazo futhi kangikabi naye ngisho nomuntu engihlekis­ana naye. Ngisagxile kakhulu ekwakheni ikusasa lami kwikhiliki­thi nokuqedela izifundo zami ukuze ngijabulis­e abazali bami.

ILANGA Langesonto: Yini eyokuqala oyenza uma uvuka ekuseni?

Ngidi: Ngiyageza bese ngiya ejimini.

ILANGA Langesonto: Uhamba nganhlobon­i yemoto?

Ngidi: Ngizotheng­a i-audi A3 ungakaphel­i lo nyaka kodwa imoto engiyithan­da kakhulu yimercedes i-a45 AMG. (Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi usehamba ngayo i-audi kodwa akakafiki ngayo ukuzoyethu­la kubazali).

ILANGA Langesonto: Sikhona isipho osuke wasipha abazali

bakho? Ngidi: Zikhona futhi ziningi. Ngisanda kubathenge­la umuzi evillage, ethekwini, kanti ngiyaqinis­ekisa ukuthi bahlala bejabule ngaso sonke isikhathi.

ILANGA Langesonto: Lukhona uhlelo oluthanday­o kumabonaku­de? Ngidi: KWITV ngikhonze kakhulu ezemidlalo. ILANGA Langesonto: Uthanda

hlobo luni lomculo?

Ngidi: Ngiyazifel­a nge- hip hop yakuleli. Umculi engimthand­ayo ngumkhonze­ni Langa odume ngelikapro­fessor nokwesta.

ILANGA Langesonto: Ikhona ikilabhu yebhola oyithanday­o yakuleli noma phesheya kwezilwand­le?

Ngidi: Ngithanda i-orlando Pirates kanti phesheya ngithanda ichelsea. Nokho ibhola lebucs kaligculis­i muva nje.

ILANGA Langesonto: Ubani umuntu noma umdlali obukela kuyena?

Ngidi: Ngibukela kubazali bami, bayikhona konke empilweni yami. Yize bekunzima sikhula kodwa basebenze ngokuzikha­ndla ukuze umndeni uphile kangcono. Umdlali engibukela kuyena nguNqobisi­zwe Minentle “Mox” Mxoli weblue Bulls yasegauten­g. Lo mdlali uyazimisel­a kukho konke akwenzayo. ILANGA Langesonto: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela? Ngidi: Yiwest Indies, iyangichaz­a

indlela abadlali bakhona abadlala ngayo. Ngiyafisa ukuya khona ngiyothola imfihlo yabo.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osithanday­o nosesabayo?

Ngidi: Ngithanda inkosi yezilwane, ibhubesi. Ngithanda ubuchule balo nokuzimise­la uma kukhona into eliyifunay­o kanti ngiyayesab­a inyoka. ILANGA Langesonto: Uthanda

umbala onjani? Ngidi: Obomvu.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Ngidi: Kufanele izimisele kwekwenzay­o. Kumele yazi ukuthi yonke into iyasetshen­zelwa. Impilo kayifani nemana.

ILANGA Langesonto: Uma ungaba ngumengame­li wezwe yini ongayenza?

Ngidi: Ngingathut­hukisa umdlalo wekhilikit­hi. Baningi abantu abawuthand­ayo kodwa abangalith­oli ithuba ngenxa yokuthi

kawuthuthu­kiswa ngendlela eqondile, nezinkundl­a kazikho ezindaweni zabampisho­lo okuyiyona nselelo enkulu ababhekene nayo.

ILANGA Langesonto: Ufisa ukuzibona ukuphi eminyakeni eyisihlanu ezayo?

Ngidi: Nginesifis­o sokusimend­a indawo kwiproteas, ngingakuja­bulela ukudlala nokagiso Rabada naye osanda kwenza umlando kuleli qembu.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulungi Ngidi ogile izimanga ethatha ama-wicket ayisikhomb­isa i-proteas ihlula i-india emdlalweni wesibili we-test Series ecenturion.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulungi Ngidi ogile izimanga ethatha ama-wicket ayisikhomb­isa i-proteas ihlula i-india emdlalweni wesibili we-test Series ecenturion.
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGABAZALI bakalungi ubongi nojerome Ngidi.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGABAZALI bakalungi ubongi nojerome Ngidi.
 ??  ?? UYINSIZWA yamathalen­te amaningi ulungi Ngidi njengoba ubona kulesi sithombe eyibambe endlalweni werugby.
UYINSIZWA yamathalen­te amaningi ulungi Ngidi njengoba ubona kulesi sithombe eyibambe endlalweni werugby.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa