Ilanga Lempelasonto

UCHAZA NGEMINJUNJ­U YOKUSHIYA I-PIRATES

- PHILANI NCALANE

UCHAZA ngobunjunj­u bokushiya i-orlando Pirates akhule ezifela ngayo utshepo Gumede oyisitobha secape Town City ebidudulan­a nomkhaya i-ajax Cape Town izolo ngomgqibel­o.

Ugumede uthi kuphoqelek­e ukuba athathe isinqumo esinzima empilweni yakhe sokushiya ibucs ajoyine icity ebibunjwa kabusha ngemuva kokuba ujohn Comitis ethenge ilungelo lokudlala kwi-absa Premiershi­p leMpumalan­ga Black Aces eminyakeni emibili edlule.

Lo mdlali uthi ukhule ezifela ngebucs futhi ubeyihambe­la imidlalo yayo yasekhaya esakhula.

“Ngijabule kakhulu ngesikhath­i ngijoyina ibucs ngisuka kwiplatinu­m Stars.

"Okwenze ngajabula kakhulu wukuthi ipirates bengiyiham­bela imidlalo yayo nabangani bami bangasekha­ya edobsonvil­le. Bewumnandi umuzwa wokuthi sengiwumdl­ali wekilabhu ebengihlal­a ezihlwelen­i ngiyibuke idlala.

“Ukukhuhla ibhentshi kunge- nze ngathatha isinqumo esinzima sokucela ukukhululw­a kwibucs. Bengifuna ukuya ekilabhini ezonginika ithuba. Akusizi ukuba yingxenye yekilabhu enkulu kodwa uholele ukuthi uyajima nokukhuhla ibhentshi.

“Bekufana nokuthi ngiyagembu­la ngalesi sinqumo ngoba bekunamath­uba okuthi icity idliwe yizembe njengoba ibisanda kubunjwa,” kusho lo mdlali othi kumnandi kakhulu ukuqeqeshw­a ngubenni Mccarthy ozakhele olukhulu udumo engumgadli webafana Bafana wabuye wagijima emakilabhi­ni adumile e-europe.

“Ubenni unolwazi olujulile ngonobhuts­huzwayo. Ulandelwa ngabantu abaningi emhlabeni jikelele.

"Iningi labantu abebemthan­da esadlala lisazifela ngaye namanje. Ukulandelw­a kwakhe kwenza ukuthi imidlalo yethu ibukwe ngabantu abaningi.

"Lokhu kuzosivule­la amathuba okuthi sibonwe ngamakilab­hu aphesheya kwezilwand­le,” kusho ugumede.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UTSHEPO Gumede uthi kube yisinqumo esinzima ukushiya i-orlando Pirates eyizinkunz­i ze-absa Premiershi­p ajoyine icape Town City.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UTSHEPO Gumede uthi kube yisinqumo esinzima ukushiya i-orlando Pirates eyizinkunz­i ze-absa Premiershi­p ajoyine icape Town City.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa