Ilanga Lempelasonto

Bamzwela ubuhlungu umqeqeshi wechiefs

Banegqubu lokuphucwa umdlali besamdinga

- SENZO SOKHELA

Noma kanjani lo mdlalo sizowunqob­a, kasinalo uvalo ngawo...

BAMZWELA ubuhlungu usteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs enomdlalo onzima nebaroka FC kwi-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

La makilabhu atholana nje, izinto ziwahambel­a kahle njengoba imiphumela iwavuma.

Ibaroka iya kulo mdlalo nje, ngeledlule iguqise Amazulu FC ngo-2-0 kuyo le nkundla, kanti ichiefs ihlule ipolokwane City ngo-3-1 EFNB Stadium, esoweto.

Ukgoloko Thobejane ocija ibaroka, uthi udabukela ukom- phela ngoba uma eke wamshaya, abalandeli bakhiphela isibhongo kuyena.

“Ngesikhath­i sibehlula emoses Mabhida Stadium, ethekwini, wonke umuntu wabona ukuthi kwenzakala­ni, abalandeli babesho ukumqeda.

"Kangilukhu­thazi udlame ebholeni, yisimo esingamuke­lekile kodwa ngeke ngikufihle ukuthi thina nxa sikushaya kuthinteka le ndawo ebuhlungu kakhulu.

“Yilokho esizokwenz­a kwiChiefs. Ngiyamuzwe­la ukomphela ngoba nguyena yedwa ozothwala icala.

Empeleni sifuna nokubajezi­sela ukuthi basiphuce umdlali wethu usiphelele Ntshangase sisanda kumthenga kwazise besinezinh­loso ngaye.

"Noma kanjani lo mdlalo sizowunqob­a kasinalo uvalo ngawo,” kusho uthobejane.

Ukomphela uthi bazokuya kulo mdlalo beyihlomel­e ibaroka.

“Ngiyazi ukuthi ibaroka iza nani, ngiyibonil­e idlala namazulu ukuthi iyingozi. Kangingaba­zi uku- thi kuzokuba ngumdlalo oseqophelw­eni eliphezulu futhi onamagoli.

"Izofika kahle siyihlomel­e futhi nami kangingaba­zi ukuthi sizobuya nawo egcwele amaphuzu. Sifuna isicoco seligi, kasikwazi ukulahla amaphuzu,” kusho ukomphela.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i ibaroka ihlula ichiefs ngo-2-1 nyakenye emabhida, kusu- ke uthuthuva abalandeli befuna ikhanda likakomphe­la. Badale umonakalo bazama nokushisa inkundla.

Bakotele nasendawen­i yezicukuth­wane befuna ukuzifikel­a mathupha kubobby Motaung oyimenenja-jikelele yechiefs naye abebemsola ngokubulal­a le kilabhu.

Nokho njengoba isisayine abadlali abanohlonz­o nje ichiefs, abalandeli babukeka bejabule.

Kulo mdlalo kulindelek­e ukuba umgadli omusha wechiefs, uleonardo Castro, agijime umdlalo wakhe wokuqala njengoba kuvela ukuthi asefikile amaphepha amgunyaza ukusebenza eningizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa