SEBASTIAN JILI
NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?
IQOPHELO lakho lokucabanga uzophumelela ukulithuthukisa. Amanye amaqhinga okuphumelela angaqhamuka nalabo oxhumana nabo. Qaphela njalo ukuthi injabulo yakho ayithikamezi abanye.
ARIES LEO (March 21-April 19)
AMANDLA akho okucabanga ujule azokusiza akunike amaqhinga ajulile. Ubuye wenze izinto ungacabangi ngemiphumela yazo. Ziningi izidingo osabhekene nazo obona sengathi ziyakubambezela kwezinye izinhlelo.
TAURUS (April 20-May 20)
ABANYE abazigcini izethembiso abazenze kuwena. Ikhono lakho elikhulu lithinta kakhulu imisebenzi yezandla. Kuzomele uliqhakambise leli khono lakho.
GEMINI (May 21-June 21)
KUZOMELE uthathe izinqumo ngokukhulu ukucophelela zakho. Uzimisele ukulwela ukwakha isisekelo somnotho wakho. Inhloso yezinqumo ozithathayo kufanele ihambisane nokuvikela ikusasa lakho.
CANCER
KUNEZIMO oziyeke isikhathi eside ungazilungisi, osekumele uzilungise ngokushesha manje. Izidingo zakho kumele uzisukumele kodwa okusemqoka kakhulu wukulungisa okumayelana nomsebenzi wakho.
(July 23-August 22)
UTHANDO lwakho lusesigabeni esisemqoka kakhulu. Kokunye kuba khona lokho kungaboni ngasolinye kodwa ukuvuthwa komqondo wakho kwenza nikwazi ukudlula ezinkingeni. Kuningi impilo esikufundise kona okumele ukusebenzise. empilweni yakho.
VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)
UNGALINGE ukholwe wukuthi ubunzima bungaphezu kwamandla akho. Unamaqhinga amaningi okubhekana nezinye zezinkinga zakho. Zonke izinto ezinhle zitholakala emva komzabalazo empilweni.
LIBRA (Sept 23-Oct 22)
KUNEZINTO ongazenzanga ngesikhathi esifanele ngenxa yokuhlaselwa wobuvila. Imibono yakho iphusile futhi osebenzisana nabo bathembele kakhulu kubuhlakani bakho. Funda ukuzehlisa kulabo ophila nabo.
SCORPIO (Oct 23-Nov 21)
UMQONDO wakho ucubungula izinto ezijule kakhulu. Kudingeka uqaphele ukuthi wenza izinto ezizokusa phambili, hhayi ezizophazamisa impilo yabanye abantu. Unombono omuhle ezintweni eziningi.
SAGITTARIUS (Nov 22-Dec 21)
UZOKWAZI ukubona izinto ezinobungozi nalezo okumele uzigweme. Impilo yakho izoba noguquko oluthile okuzomele ulunake. Ukubekezela kuvame ukuba nomvuzo ekugcineni ezinhlelweni zakho.
CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)
UPHAWU lwesando enombolweni yakho lukhomba amandla onawo okumelana nobunzima. Izinto ezikuhlehlisela emuva uzobanga ujule ngazo ukuthi ungazinqoba kanjani.
AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)
ABANTU abawusizo kuwena akumele uziqhelanise nabo. Kuneminyango eminingi elindele ukungqongqoza kwakho bese iyavuleka. Isibindi sakho sikwenza wenze izinto ezethusayo.
PISCES (Feb 19-March 20)
UKUBEKEZELELA iziwombe eziningi ezahlukene empilweni yakho yikhona okuzokukhuphula kukubeke esicongcweni. Isimo sakho sempilo kumele usibhekelele ngokuba uqaphele ukuba awudli noma yini, uphinde ugxile ekuzivocavoceni.