UCASULWA YISINQUMO SABE-TWO OCEANS
BAZOBHEKANA nenselelo enzima yokuswela amanzi emzileni abasubathi abazobamba iqhaza kwitwo Oceans Marathon (TOM) yanonyaka ezokuba mhla zingama-31 kundasa (March) ecape Town.
Abadidiyeli balo mjaho bathi nonyaka kuzokuba noshintsho kulo mjaho ngenxa yesomiso esihlasele ewestern Cape. Amanzi azotholakala emuva kuka-5km esikhundleni sika
3km ogunyazwe yi-athletics South Africa (ASA) ne-international Association of Athletics Federation (IAAF).
Babuye bathi ngeke zibe khona izindawo zokugeza uma sekuphele umjaho.
Ubongumusa Mthembu
( osesithombeni) oyingqwele yecomrades Marathon, uthi nakuba ezokube ekhona kulo mjaho kodwa akeneme ngalesi sinqumo azwakalise ukuthi sizogqilaza abagijimi.
“Kangihambisani nesinqumo sabetom. Baze ngonyaka odlule ukuthi bazokuba nomjaho, okubuhlungu wukuthi abazivumeli izimoto zamakilabhu abagijimi emgwaqweni.
"Isimo sezulu ecape Town sishintsha noma nini. Kuzokuba nzima kakhulu ukugijima ibanga elingu-5km ungawatholile amanzi kwi-ultra.
“Iyacika le nto ngenxa yokuthi imali yethu yokubhalisa isivele ingakubona manje sebeyahlangana baphuma nezinqumo ezivuna bona.
"Siyazi ukuthi kunesomiso ecape Town. Amanzi esiwaphuzayo ayathengwa, bahlulwa yini ukuthenga amanzi? Abantu abazoshayeka kakhulu yilabo abazokwenza amahora ayisi-5 kuya kwayisi-6.
“Ngisazohlangana nomqeqeshi wami nemenenja ukuthatha isinqumo sokuthi ngisazo-kuya yini kulo mjaho. Uma bethi angingayi ngizoyeka. KWITOM ngisuke ngiyele ukuyozihlola ukubona ukuthi ngizokwenza kanjani kwicomrades,” kusho umthembu ophethe ngokuthi kujwayelekile ukuba ITOM ibe nemithetho ephikisana neye-asa njengoba nyakenye kwakuthiwa abasubathi mabafake izinombolo zabo kuphela.
Icomrades Marathon yanonyaka ezokuba mhla zili-10 kunhlangulana (June) isukela emgungundlovu isongwe emoses Mabhida, ethekwini, izokube iyibanga lika-90.184km.
Lokhu kuzokwenza kube nzima ukuphula irekhodi likadavid Gatebe lika-5:18 alibeke ngowezi-2016.
Ngowezi-2016 ibanga belingu89.208km kwazise umjaho ubuphelela esahara Kingsmead Cricket Stadium.