I-PIRATES NESIPHO ESIMQOKA KWI-IRON DUKE
UPHIWE isipho samaphuzu amathathu u-irvin “Iron Duke” Khoza obehlanganisa iminyaka engama-70 edla amabele izolo ngomgqibelo ngesikhathi i-orlando Pirates ihlula iplatinum Stars ngo-2-0 kowe-absa Premiership eroyal Bafokeng Stadium, enorth West.
Amagoli ebucs avalelwe enethini ngujustin Shonga wasezambia nothembinkosi Lorch ngokwahlukana kweziwombe.
Ushonga ubeqala ukubhakuzisa inethi selokhu ejoyine le kilabhu.
Ukhoza bekuwusuku lwakhe lokuzalwa izolo. Lo mdlalo uke wamiswa ukuze abadlali baphuze amanzi ngenxa yokuthi ilanga belikhipha umkhovu etsheni enorth West.
Ibukeka ivuthwa indlela yeStars ebheke kwinational First Division (NFD). Ukufakwa kwale kilabhu endalini kusolwa ukuthi yikhona okwenza abadlali bayo bangazinikeli ngokuphelele njengoba bengazi ukuthi kuzokwenzakalani ngabo uma isinabaphathi abasha. Nasemdlalweni wayizolo abadlali bestars aba- khombisanga ukuthi balwela ukusuka emsileni njengoba ibingeyona ingozi kwibucs.
Ukunqoba kwebucs kushisise umbango wokudla ubhedu kwipremiership njengoba isinamaphuzu angama-30.
Ibucs igqemeke engeqiwa ntwala kulo mdlalo ugladwin Shitolo elimala iqakala okuphoqe ukuthi akhishwe indawo yakhe yathathwa ngumarshall Munetsi.
Umpho Makola obengukaputeni webucs kulo mdlalo, naye uphume esexhuga ibhande lathathwa ngumusa Nyatama. Ibucs izobhekana ne-ajax Cape Town ngolwesithathu ngo-19h30 ecape Town Stadium.
Amazulu FC abuye nephuzu elimqoka ekuhambeni ebambana nepolokwane City ngo-0-0 koweligi izolo e-old Peter Mokaba Stadium. Ngolwesithathu ngo19h30 usuthu luzogadulisana nesupersport United elucas Moripe Stadium.
Ibidvest Wits ihlule isuperSport United ngo-4-1 wamagoli kagabadinho Mhango, ujames Keene, udaylon Claasen nobongani Khumalo koweligi izolo kusihlwa etshwane.
Elesupersport lize nodean Furman.